UMablerh uzokwethula uhlelo lokubuyekeza isizini yeReal Housewives of Durban
Image: Sithunyelwe
UBLESSING "Mablerh" Cele ubuya unyaka wesithathu kulandelana, njengomethuli wohlelo lokubuyekeza isizini yeReal Housewives of Durban (RHOD), ezoqala ukukhonjiswa kwiShowmax kusuka ngoLwesihlanu.
Uhlelo luzokhonjiswa iziqephu ezimbili kusuka ngoLwesihlanu kuthi esinye sikhonjiswe ngoJulayi 11.
Isizini yesihlanu yeRHOD ibibophele uNonku Williams, Sorisha Naidoo, Jojo Robinson, Angel Ndlela, Ayanda Mthembu, Kwanele Kubheka noLo Sithole. Kufike noMinnie Ntuli noLondie London njengezimenywa.
Kulo nyaka kube nezigigaba eziningi ezishiye ababukeli bekhuluma okubalwa nokuklwebhana phakathi kukaMinnie noLondie.
Esiqeshini sokubuyekeza isizini, kulindeleke ukuthi uMablerh abheke konke okwenzekile.
Uthe lolu hlelo lunababukeli abaningi abathembekile kulo futhi uzimisele ngokumela yonke imibono yabo.
"Banemibuzo ebashisayo edinga izimpendulo," kusho uMablerh.
UMablerh oke waphatha uhlelo lokubuyekeza iReal Housewives of Gqeberha neReal Housewives of Johannesburg, uthe ukubuya okwesithathu kuyinto angayithathi kancane.
"Wumsebenzi omkhulu odinga ube nozwelo ngoba lezi zintokazi zibona zingaphephile," kusho yena.
Uthe ngeke ashiye lutho uma esebapheka ngemibuzo futhi wonke umuntu kumele aphendule ngakwenzile.
Uthe ubelandela konke ukuphawula kwababukeli futhi uza nakho kulolu hlelo.
"Ngilapha ukuzomela ababukeli. Ngiwabonile ama-tweets ngafunda nokuphawula nokukhathazeka. Ngethembe, konke kuzokhulunywa ngakho," kusho yena.
UNonku waveza ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyashiya kulolu hlelo futhi ngeke abe sesiqeshini sokubuyekeza isizini.
NoMinnie kuthiwa akayanga sekuqoshwa kunalokho wazenzela okwakhe eceleni.
Related Topics: