Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Bafuna isizini yesithathu ye-The Gumbis uSomkhanda eshadelwa

Fanelesibonge Bengu|Published

USOMABHIZINISI uMnuz Lucky Gumbi namakhosikazi akhe uZama, Bayede noNombuso

Image: Facebook

ABANTU balangazelela isizini entsha yohlelo oluveza impilo yenjinga, uMnuz Lucky Gumbi, waseMtubatuba nomndeni wayo.

UGumbi, odume ngelikaSomkhanda, ubeshadelwa wunkosikazi wesithathu, uZama Duma.

Uvele ushadelwe wuBayede Cebekhulu Gumbi noNombuso Malinga Gumbi.

Ngo-Ephreli uSomkhanda waba sematheni ngesikhathi eyombesa ephinde ekhehla uZama eMzinyathi, eNanda.

Wakhipha insavunsavu yemali okuyisenzo esashiya abantu bekhuluma.

Ngempelasonto umgcagco wabo kuthiwa ubukubo kwaSomkhanda eMtubatuba, lapho bekunezimenywa ezahlukene okubalwa nezikhulu zikahulumeni nosaziwayo.

Ama-video nezithombe bekusabalele ezinkundleni zokuxhumana amanye esekhasini likaZama.

Kwenye yama-video uZama ubhale ukuthi abantu ababuke umuzi umyeni wakhe amakhele wona esikhathini esingaphansi kwezinyanga ezimbili.

“Waze waba yindoda soka lami.”

UGumbi unohlelo kwiSABC 1 i-The Gumbis, oluveza impilo yakhe nomndeni wakhe. Isizini yalo yesibili yagcina ukudlala ngo-2023.

Njengoba kade egcagcelwa nje, abanye sebehalela isizini yesithathu. Ngomkhehlo kuthiwa kwakunamakhamera ayeqopha nokukholakala ukuthi kwakungawohlelo.

UZinhlosozethu kwi-X, uthe isizini yesithathu izobe ivutha bhe uma kwenzeka ibuya wathi akakwazi nokulinda.

UPretttyychana, uthe uzobhoreka uma iSABC ingayiqophi isizini yesithathu yohlelo.