Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Sekuphinde kwagadla ukufa kwezokulingisa

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI uMeme Ditshego oshone ngoLwesithathu ebusuku

Image: Instagram

SEKUPHINDE kwadla ukufa emkhakheni wezokulingisa kushona uMeme Ditshego ngoLwesithathu ebusuku.

Izindaba zokushona kukaMeme (60) ziqinisekiswe yinkampani ebimphethe, i-Eye Media Artists esitatimendeni. Okumthathile akudalulwanga.

I-Eye Media Artists ithe umsebenzi wakhe ongeke walibaleka ubonakale emidlalweni ehlukene kwiSABC, e.tv, Netflix nakwiMultichoice futhi uthinte abaningi eNingizimu Afrika nasemhlabeni jikelele.

“Kungaba ngamahlaya noma ngokuxoxa izindaba, uMeme ubenethalente elikhethekile,” kusho isitatimende.

Kunxuswe abantu ukuthi banikeze umndeni isikhathi sokuzila ngokulahlekelwa kwawo nguMeme odlale emidlalweni eminingi ehlukene kuleli.

Uqale ukugqama elingisa indawo kaJoyce Mlambo kwiThe Coconuts kwiM-Net. Wagcina eshade ngempela nomyeni wakhe wasemdlalweni uSamson Khumalo. UKhumalo udume ngoShadrack Kgokong, emdlalweni osewaphela Isibaya.

Eminye imidlalo uMeme abonakale kuyo kubalwa iZabalaza, Muvhango, Skeem Saam, Soul Buddyz, Jozi H, Entangled neminye.

Muva nje, ubekwiCobrizi esanda kuphela kuMzansi Magic.

Bekulingisa phambili kuyo uPresley Chweneyagae oshone kungazelele ekupheleni kwenyanga edlule.

Ukushona kukaMeme - oke waqokwa nakumaSouth African Film and Television Awards (Saftas) - kuthinte ozakwabo abaningi.

Phakathi kwabaphawule ezinkundleni zokuxhumana kubalwa umlingisi weScandal! uMapaseka Koelte, oweHouse of Zwide uNefisa Mkhabela, Refilwe Modiselle, isikhulu ophikweni lwethelevishini kwaSABC uLala Tuku nabanye.