OMUNYE wabalingisa kwiSarafina, uLeleti Khumalo, ezotshengiswa isonto lonke kwi-etv
Image: Sithunyelwe
UKUKHUMBUZA abantu bakuleli lizwe ukuthi intsha yango-1976, yabhekana nobunzima obungakanani ukulwa nemithetho yohulumeni wengcindezelo, isiteshi esizimele sethelevishini i-etv sizokhombisa umdlalo owaveza lokho ngokuphelele, iSarafina, isonto lonke, esiteshini sayo sobuchwepheshe i-eVod.
Lo mdlalo ozobe ugubha unyaka wesi-33 waqala ukukhonjiswa kwithelevishini, uzoqale ukhonjiswe kwi-etv kusasa ngo-8, kusihlwa, bese ukhonjiswa izinsuku eziyisikhombisa kwi-eVod kusuka ngoJune 15 kuya ku-21.
ISarafina eyabhalwa wumakadebona wombhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi ongasekho emhlabeni, uMbongeni Ngema, yaba yifilimu yokuqala kuleli ekhiqizwe emva kokukhululwa ejele kowaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi, naye ongasekho emhlabeni, uDkt Nelson Rolihlahla Mandela.
Umakadebona wezokukhiqiza amafilimu kuleli lizwe, u-Anant Singh, naye owaba neqhaza ekudondiseni le filimu, uthe bajabule kakhulu ngokuthi lo mdlalo usalokhu uqhubeka ube nedumela ekuqhakambiseni ubunjalo bomlando wezwe, ikakhulu njengoba kuza usuku lokukhumbula iqhaza lentsha kwezombusazwe iYouth Day, engoMsombuluko.
ISarafina yaqhakambisa futhi yaveza ithalente lamaciko ehlukene akuleli zwe, kubalwa uLeleti Khumalo, ingqalabutho yezomculo engasekho emhlabeni uMariam Makeba, uSomizi Mhlongo, Dumisani Dlamini noDkt John Kani ukukha phezulu.
Related Topics: