ABALINGISI bomdlalo iSibongile & The Dlaminis okhonjiswa kuMzansi Wethu phakathi nesonto
Image: Sithunyelwe
KUYAPHELA ngomdlalo oqoshelwa eThekwini, iSibongile and the Dlaminis, odlala kuMzansi Wethu uma kusongwa isizini edlalayo.
Lo mdlalo ukhonjiswa ngoMsombuluko kuya kuLwesithathu ngo-6.30 ntambama.
Kuvela izindaba zokuphela kwawo nje, ubusuvele ushiywe yinqwaba yabalingisi ababekhona ngesikhathi uqala.
Phakathi kwabo kubalwa uBaby Cele, Ayanda Borotho, Siyabonga Shibe, Luyanda Zuma, Nonsikelelo Mthiyane nabanye.
Izindaba zokuphela kwawo Isolezwe like labika ngazo ngesikhathi laba balingisi bebonakala kweminye imidlalo.
AbakwaMzansi Magic bathi bamisa lo mdlalo ngenxa yokuthi uthatha ikhefu isikhashana.
Umthombo owakhuluma neSolezwe ngaphakathi waveza ukuthi bagcina ukuqopha ngo-Okthoba wangonyaka odlule.
Omunye umthombo kuMzansi waveza ukuthi izinkinga ezibhekene noDuma Ndlovu ezithinta ukuboshelwa kwakhe intela yizona eziholele ekutheni ingavuselelwa isizini entsha.
Kuthiwa isikhala sawo sizovalwa wumdlalo omusha okuthiwa uqoshwa yiTshedza Pictures.
Kungenzeka ukuthi umdlalo omusha uzoqoshelwa eThekwini ngoba ngesonto eledlule kubonakale umnikazi weTshedza Pictures uPhathu Makwarela kuleli dolobha ehamba nomlingisi uBrenda Mhlongo.
UBrenda uke walingisa emdlalweni weTsheza Pictures iThe River esiyaphela.
Ngisho enkundleni iX uPhil Mphela, ozakhele igama nokubika ezithinta ezokungcebeleka ubikile izolo ukuthi mdlalo, iSibongile and the Dlaminis, uyagoqwa.
AbeMzansi Magic kulindeleke ukuthi bakhiphe isitatimende noma yinini.
Related Topics: