Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Luqala ngenyanga ezayo uhlelo lukaLawrence kwi-etv

Fanelesibonge Bengu|Published

ULAWRENCE Maleka uzokwethula isizini yesibili yeFriends of Amstel: The Challenge kwi-etv

Image: Sigciniwe

SEZIHUBA sakusha ngesizini yesibili yohlelo iFriends of Amstel: The Challenge ezoqala ngenyanga ezayo kwi-e.tv.

Lolu hlelo luqale ukudlala ngonyaka odlule lapho abangani abane bethumela khona imingenelo uma befuna ukuba khona.

Bancintisana nosaziwayo ngemidlalo ehlukene njengokuvalwa izindlebe bese uzama ukufunda izindebe zomunye usho ukuthi uthini.

Ukuthumela imingenelo kwabafuna ukuba yingxenye yohlelo sekuvaliwe.

Phakathi kosaziwayo okulindeleke ukuthi babonakale kubalwa uDJ Tira, Makhadzi, Khuli Chana, Nasty C, Mawhoo, Mr JazziQ nabanye.

Umlingisi ophinde abe wumethuli wezinhlelo uLawrence Maleka, ukhuza ibuya njengozoshayela iFriends of Amstel: The Challenge.

Uzobe ehambisana nentokazi ephinde ibe wumsakazi weMetro FM uLerato Kganyago. Uzakwabo emsakazweni uLamiez Holworthy nguyena osezoba wuDJ wohlelo.

ULawrence ucashunwe kwi-IOL, ethi kuyinjabulo ukubuya njengomethuli wesizini yesibili yohlelo. Uthe kunomfutho ongajwayelekile futhi kwenzeka okungalindelekile.

“Sidlondlobele ngayo yonke indlela kule sizini kusuka emidlalweni, izivakashi nezinto ezizomangaza abantu. Kumnandi, kunomsindo. Sengijahe kabi ukuthi ababukeli bethu babone ukuthi  siphetheni,” kusho uLawrence.

IFriends of Amstel: The Challenge izodlala njalo ngoMgqibelo ngo-6 ntambama kusuka ngoJuni 14.