Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Uphinde wagqamisa izwe uNomzamo ehlabana phesheya

Fanelesibonge Bengu|Published

UMLINGISI weShaka Ilembe uNomzamo Mbatha

Image: Sigciniwe

INTANDOKAZI yomlingisi waseThekwini uNomzamo Mbatha, igqamise iNingizimu Afrika ngesikhathi ihlabana ngomklomelo kuma-iSuccess Awards eFrance ngoLwesithathu ebusuku.

Imiklomelo iyingxenye yombukiso iCannes Film Festival eCannes, eFrance, eqale ngeledlule kuze kube yikusasa. 

UNomzamo uhambele kuleliya zwe ukuyokhombisa ngomdlalo alingisa kuwo iShaka Ilembe, ngokombhalo wakhe ezinkundleni zokuxhumana.

Uthole umklomelo weTop100 Women in Cinema.

“Ngizizwa ngihloniphekile hhayi kuphela ngokukhombisa iShaka Ilembe kwiCannes Film Festival phambi kwezibukeli zamazwe omhlaba, kodwa nokuthola lo mklomelo. Ngimangele futhi ngigcwele ukubonga,” kubhala uNomzamo ku-Instagram.

Lo mlingisi odabuka KwaMashu ungomunye wabalingisa izindawo eziphambili kwiShaka Ilembe.

Ulingisa indawo kaNandi ongunina weLembe. Akagcini ngokulingisa kodwa uphinde abe ngomunye wabadidiyeli balo mdlalo okulindeleke ukuthi kuqale isizini yawo entsha yesibili  ngenyanga ezayo.

Ngesonto eledlule yena nabanye abalingisi bebehambele eThekwini bezohlanganyela nabalandeli njengoba isizini yesibili iqala ngoJuni 15 ngo-8 ebusuku kuMzansi Magic.

Ngonyaka odlule uNomzamo wanqoba indondo yeBest African Actress ngokulingisa kwakhe kwiShaka Ilembe, kumaSptimius Awards e-Amsterdam.

Isizini yesibili yalo mdlalo izoba nabalingisi abasha okubalwa kubo nomfowabo kaNomzamo, uZamani Mbatha, Luyanda Zuma, Amanda Seome, Anele Sphamandla Nene noSikhanyiso Sithole.

UZamani, ozolingisa indawo kaNomahlanjana oyindodana kaZwide, wacashunwa kwi-website yakwaDStv, ethi kwakumele azibonakalise kwinhlolokhono.

“Angikaze ngisingabaze isikhathi sikaNkulunkulu ngisho nangemuva kwenhlolokhono eyayinzima futhi ishubile, ngiyajabula ukuba yingxenye yalo mdlalo,” washo kanje.