Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Uzokhonjiswa kwi-S3 umcimbi wama-Grammy

Fanelesibonge Bengu|Published

U-TREVOR Noah ubuye ihlandla lesihlanu njengomphathi wohlelo kumaGrammy Awards Isithombe: REUTERS/Maria Alejandra Cardona

ABAFUNA ukubona okwenzeke kuma-Grammy Awards eLos Angeles, ezintatha, kumele bangakhathazeki njengoba i-S3 (SABC 3) izosakaza le miklomelo ngo-7 ebusuku namuhla.

Ama-Grammy okungaka-67 ekhona, yimiklomelo yomculo ehlonishwayo emhlabeni jikelele.

Usomahlaya waseNingizimu Afrika, uTrevor Noah, ubuye unyaka wesihlanu kulandelana njengomphathi wohlelo emiklomelweni.

Inhloko yakwa-S3, uSane Zondi, ithe ukuthola kwabo ilungelo lokusakaza imiklomelo yinto enkulu futhi iwubufakazi beqhinga labo lokuguqula izinto.

“Leli qhinga siliqale ngo-Ephreli 2024, ngesikhathi silethela ababukeli bethu izinhlelo zokungcebeleka. Ukwengeza kwethu ama-Grammy kungobuye bobufakazi bokusebenza ngokuzikhandla okwenziwa yithimba le-S3 futhi kuwubufakazi bokwesekwa esikuthola ebaholini bethu abahambisana neqhinga eliqhamuke futhi elenziwa yithimba,” kusho uSane.

Uthe babungaza uTrevor Noah futhi bazoqhubeka nokufuna izinhlelo ezinhle nemicimbi ezobuyisa ababukeli kwi-S3.

UTrevor akagcini ngokwethula uhlelo kodwa uqokwe nasemunxeni we-Best Comedy Album nge-Where Was I. Uqhathwe noDave Chappelle, Jim Gaffigan, Nikki Glaser noRicky Gervais.

Abanye bakuleli abaqokiwe yiSoweto Gospel Choir ihambisana no-Angélique Kidjo engomeni i-Sunlight to My Soul. Basemunxeni we-Best Global Music Performance.

UWouter Kellerman oke wawina kuma-Grammy phambilini, uqokwe kwi-Best New Age, Ambient or Chant Album ehambisana no-Éru Matsumoto noChandrika Tandon ngeTriveni.

Kule miklomelo izilomo okubalwa kuzo uBeyoncé, Charli xcx, Billie Eilish, Kendrick Lamar, Post Malone, Sabrina Carpenter, Chappell Roan noTaylor Swift ziqokwe kakhulu.