Ezokungcebeleka Ezethelevishini

Kuyaphela ngohlelo lukaDJ Zinhle

Nokubongwa Phenyane|Published
AMAWELE akwaBiyela eMpangeni uSakhile noLindokuhle abazobonakala ohlelweni Imboni Yamatekisi nokuwuhlelo oluzoqala kwi1Magic kusasa bese ludlulela kuMzansi Magic ngoLwesithathu. Isithombe: SIGCINIWE

IMBONI YAMATEKISI

1Magic (103)

NgoLwesihlanu ngo7 ebusuku

ABANIKAZI bamatekisi baseThekwini, eGoli naseMpumalanga bazogqama kulolu hlelo olusha oluzoveza ukuthi injani impilo emkhakheni wamatekisi. Kwabazogqama kukhona uSabelo Ndaba, amawele akwaBiyela uSakhile noLindokuhle nomfelokazi uNthabiseng Keroane.

DJ Zinhle

DJ ZINHLE: UNEXPECTED

BET (129)

NgoMgqibelo ngo7.30 ebusuku

KULESI siqephu sokugcina salolu hlelo uDJ Zinhle uzobonakala ehlela umcimbi wokuzalwa kwendodakazi yakhe u-Asante ohlanganisa unyaka azalwa. Uzophinde avule isitolo sakhe esisha iHair Majesty, kwenye yezinxanxathela zezitolo eGoli.