UBONGA uNkulunkulu ngokuphendula umthandazo wakhe uThandeka Mnguni oqokelwe emcintiswaneni woKhozi FM, iWinnie Mahlangu Next Female Radio Presenter Search.
UThandeka (39) wethula uhlelo olubizwa ngeZasekhaya ngo-9 ekuseni esiteshini somphakathi, i-Icora FM. Uthe ubeseqala ukuphelelwa yithemba ngoba bese kuwunyaka wesihlanu engenela futhi kuyo yonke le minyaka obekumqeda umdlandla ukuthi ubengakwazi ukungena kwiTop 3.
Unxuse abantu abahlale bemgqugquzela ukuba azame oKhozini ukuba bamvotele ngobuningi babo ukuze adlulele emzuliswaneni wamanqamu.
Le ntokazi, edabuka esigodini sasePatane (Ohlezane) kwesaKwaMthethwa, eMpangeni, iqhathwe no-Anele Dlamini noNolwazi Nkosi Dlamini.
UThandeka uthe uma engahlabana nonyaka ngabe igcagcele esokeni kuye ngoba uKhozi FM wumsakazo akhule ewulalela.
"Ngakhula ngilalela kakhulu umama uMalindi kaNtuli, ngaleso sikhathi kwakuseyiRadio Zulu. Kwaya ngokuya lwakhula uthando lwami lomsakazo okuthe ngo-2017 kwaba nenhlolokhono emsakazweni womphakathi, i-Icora FM, nokuyilapho okwagqama khona ukuthi ikhono yinto enginayo ekusakazeni."
Uthe ubesebukela kakhulu kumsakazi woKhozi FM, uNonhlanhla "Mroza" Buthelezi, naye owaphekwa kwi-Icora FM
"Uma ngiwinile ngiyojabula kakhulu, uma kungalunganga ngizojabuliswa ukuthi uKhozi lungitomulile," kusho lo msakazi owafunda eNkiyankiya Primary naseNcutshini High.
Uma uThandeka ephumelela kulo mzuliswano uzobe esejoyina uSiphiwe Sibiya osedlulele kowamanqamu emuva kokubaqwaqwada abeqhathwe nabo kwiTop 3 yangesonto eledlule.
Lo mqhudelwano woKhozi FM wenziwa okokugcina kulo nyaka futhi sewuvumbulule abasakazi abanjengoZama Mseleku, Bingelela Mpanza, uNozipho Zulu noLonda Mbatha.
*Ukuvotela u-Anele Dlamini uthumela iSMS ebhalwe ukuthi Winnie A, ukuvotela uThandeka Mnguni uthumela ebhalwe ukuthi Winnie B kanti uma uvotela uNolwazi Nkosi Dlamini uthumela ebhalwe ukuthi Winnie C ku-33665.