UQHAKAMBISE ukubaluleka kokubekezela nokuphikelela uMnuz Vela Xulu, ongumsunguli, aphinde abe yisikhulu esiphezulu emsakazweni womphakathi, Izwil LoMzansi.
UXulu ukhulume kanje izolo ngesikhathi benze umcimbi wokuzethula kabusha egaraji elidayisa izimoto, iHalfway Durban Central, eThekwini.
Lo msakazo ushintshe i-logo yawo, waphinde waqhamuka nesiqubulo esisha.
Isiqubulo saphambilini besithi “Izwa umehluko, feel the difference”, njengoba ukusuka manje kubhekwe phambili sesizothi “Izwa umehluko”.
UXulu utshele izethameli ukuthi njengoba umsakazo waze waqala ukusakaza ngokugcwele ngo-Agasti 1, 2007, uhambo lwaluqale ngo-1998, ngesikhathi beqala ukufaka isicelo sokusakaza.
“Ngifuna ukuveza ukuthi njengoba sesilana namuhla. Uhambo belulude futhi lufuna ukubekezela,” kusho uXulu.
Enza isibonelo ngezinye zezingqinamba ababhekana nazo, uthe kwaba ukweluleka kwesikhathi ngaphambi kokuthi kuqale kulalelwe isicelo sabo.
Uthe kwathi sebeyitholile imvume yokusakaza, kwabakhona abanye ababencintisana nabo, ababafaka enkantolo.
“Sasingenamali yabameli futhi singenalwazi olutheni. Kodwa saphikelela ngoba sasazi ukuthi siyayifuna le nto. Sasithembe ukuthi sizozikhulumela,” kusho uXulu.
Uqhube wathi kwathi sebekulungele ukuqala ngokugcwele, kwaphinde kwaqhamuka enye inkinga yokuthi i-transmitter yabo kufanele ishintshelwe kwenye indawo njengoba yayizothikameza ezinye iziteshi zomsakazo.
Phakathi nohambo, uthe ngoFebhuwari 2017 behlelwa umshophi wokuthi kushe yonke into e-studio.
“Yonke into yasha yaba umlotha. Saphoqeleka ukuthi sisakazele kwikhonteyina izinyanga ezimbili, ngaphambi kokuthi isimo silungiswe,” usho kanje.
Ubonge lonke ithimba lomsakazo kusuka ebhodini lomsakazo, abaphathi, amakhasimende, ithimba labasakazi nabezindaba.
Ubalule ukuthi kukhona amakhasimende awe evuka nabo iminyaka, wabalula nokuthi kukhona nabasakazi abayibamba kusuka ekuqaleni umsakazo ungakabaholeli ngisho isenti, kwaze kwaba yimanje njengoba sebehola, kwadaleka amathuba omsebenzi.
“Uma ungakwazi ukubekezela ngeke waphumelela kule nto yomsakazo. Kukhona nababebuza ukuthi asiyiyeki ngani le nto ngoba kuyacaca ukuthi ayenzeki,” kukhumbula uXulu.
UMnuz Scelo Nyandeni, oyisikhulu kwaHalfway Durban Central uthe kuyinto abayenzayo ukuthi babuyisele emphakathini.
Uthe ngesikhathi befika eThekwini ngoDisemba, bezwe ngomsebenzi omuhle weZwi LoMzansi, maqede bavumela phezulu ukuthi basebenzisane.
Izwi LoMzansi linabalaleli abangu-259 000, lizishaya emakhanda zonke iziteshi zomphakathi KwaZulu-Natal, kanti uma liqhathaniswa nezinye ezweni lonke, lilele isibili.