UMSAKAZI woKhozi FM, uPhindile "Phindi P" Phewa, uzokhipha umucu wengoma yokholo osihloko sithi Ngobambelela ngoMashi 3.
UPhindi P, osakaza uhlelo olubizwa ngoLibo Lokuqala kusukela ngo-3 ekuseni, uthe leli culo liyingxenye yezingoma ezikwi-albhamu yakhe ayiqopha bukhoma e-Ambassador's House eThekwini, esihloko sithi My Worship Space. Uthe yindlela adumisa ngayo uNkulunkulu emuva kokusisindisa kwizivuvama eziningi zasezweni.
"Kuningi esidlule kukho kodwa amandla kaNkulunkulu asihlenga kukho sakwazi ukuqhubeka nempilo."
UPhindi P unxuse wonke umuntu ukuba ahlabe umkhosi ngale ngoma ukuze izwe lonke lazi ngayo. Ngiyanithembisa ukuthi le ngoma izonibusisa."
Uthe nakuba eseke wawakhipha ama-albhamu ngaphambilini kodwa lena uyithakasele kakhulu ngoba uyiqophe ngezikhwepha zakhe.
UPhindi P uthe umusa kaNkulunkulu omholele ekutheni aqhube umsebenzi wokushumayela nokudumisa uNkulunkulu ngeLive DVD Recording.
"Lo mbono uphile emuva kwezinselelo nokwesaba. Lokhu kusho ukuqala kokuphuma ekunethezekeni kwami ngiyokwenza izinto zenzeke." Kulezi zinsuku uPhindi P wehla wenyuka neSpirit of Praise njengoba epikwe engomeni esihloko sithi Yebo Bakithi.
Lo msakazi, osebuya kwiHighway 101.5 FM, usewole inqwaba yezindondo kumaCrown Gospel Awards njengomculi nangokuba umsakazi. Ubuye alingise emidlalweni yethelevishini okubalwa kuyo osihloko sithi Owami Nami, Isitulo, Imbali nakwiDurban Gen. Ubuye wethula uhlelo lwethelevishini iGospel Discovery Icon kuMoja Love.