KUGCINE kumenele umsakazi owethula wezemidlalo emsakazweni uKhozi FM, u-Irvin Sihlophe.
Isolezwe phakathi nesonto like labika ukuthi ubambekile uSihlophe njengoba eshawe yisifo sohlangothi ngoLwesihlanu olwedlule.
U-Irvin wasePort Shepstone, kuvele ukuthi uhlaselwe yisifo esendlini akade ehlala kuyo nomshana wakhe.
Isolezwe libike ukuthi ungeniswe esibhedlela isimo sakhe sisibi.
Ekuseni namhlanje emsakazweni Ukhozi FM, ohlelweni iVuka Afrika Breakfast Show olwethulwa nguSipho Mbatha noMroza, umphathi wesiteshi uSbongi Ngcoboumemezele izindaba zokudlula emhlabeni kukaSihlophe.
“Njengoba silapha nje, size ngezindaba ezibuhlungu kakhulu, zokumemezela ukuthi omunye wozakwethu u-Irvin Sihlophe, usedlulile emhlabeni. USihlophe uhlaselwe yisifo sohlangothi ngesonto eledlule wase engeniswa esibhedlela i-Addington, eThekwini nalapho eshonele izolo ebusuku,” kusho uSbongi.
Uveze ukuthi naye ubengomunye wabakade beke bavakashela uSihlophe kuleli sonto esibhedlela, nobengakhombisi isimpawu zokubambeka ngoba ebekhuluma.
“Ngike ngafika kuye engakhombisi ukuthi ubambekile, size sahleka ngimtshela ukuthi ngizomphathela idombolo, waze wangihleka engibuza ukuthi ngiyakwazi yini ukulenza. Ngimangale kakhulu manje ekuseni uma sengithola izindaba zokuthi udlulile emhlabeni ngemuva kokuthi isifo sohlangothi siphinde samshaya futhi,” kuchaza uSbongi.
Umngani omkhulu ka-Irvin, uPastor Mjosty ekhuluma neSolezwe izolo uvele washo ngamafuphi ukuthi uhambile umngani wakhe.
Uthe okwamanje ngeke ande ngamazwi ngoba ubesayohlangana nomndeni futhi engakazi ukuthi ngubani ozokhuluma nabezindaba uma kuziwa ezintweni ezithinta amalungiselelo okufihla uSihlophe.