KWETHUKE amakhulu ngamakhulu abalandeli bomsakazi uNongcebo McKenzie lingabizwa igama lakhe ohlwini lwabasakazi abazokwethula izinhlelo ezintsha kuKhozi FM kusuka ngo-Ephreli 1.
Izolo ekuseni umphathi wezinhlelo uPearl Maseko-Binqose umemezele izinguquko athe kuba nabakubhekayo ngaphambi kokuzenza.
Uthe uma benza izinguquko babheka ukuthi umsakazi uzokwazi yini ukuqhuba okumele kwenziwe yiSABC ngaphakathi nangaphandle. Okunye wukuthi uzoyinyusa yini inzuzo yesiteshi neSABC.
UNongcebo, ofike kuKhozi ngo-2008 esuka kwiGagasi FM, ubesethula uhlelo Ezingasoze Zabuna ngo-12 kuya ku-3 ntambama ngeSonto. Esikhaleni sakhe sekufakwe uLucky Nkosi.
Ekhasini loKhozi FM kuFacebook abantu bakhale khona bebuza ukuthi uNongcebo uphi.
Ku-X uphendule omunye wabalandeli bakhe othe uphatheke kabi ngokungabi khona kwakhe ohlwini.
“Oh hhe.. phephisa bhuti. Kunjalo nje.”
Imizamo yokumthola izolo ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala bese luyavaleka kuzwakala ngathi ulufake ohlelweni lokungazemukeli izingcingo i-do not disturb.
ULucky ovale isikhala sakhe ususwe ohlelweni Ulozolo ngoMgqibelo ngo-7 kuya ku-9 ekuseni.
Endaweni kaLucky kufakwe uZama Mseleku obebambela abanye uma bengekho. Wafika emsakazweni ngemuva kokunqoba umncintiswano wokusingatha abasakazi abasha besifazane iWinnie Mahlangu Presenter Search.
Izinhlelo zaphakathi nesonto zizoqhubeka njengokujwayelekile ngaphandle kolwantambama iWoza Nabangani Bakho kaTshatha Ngobe noSelby Mkhize.
Sekwengezwe kulo uNco Dube ongumhlaziyi kokwenzeka ezweni nobejwayele ukuzwakala ohlelweni lwasekuseni ngoMsombuluko kwiGagasi FM.
UTshatha usezophinde angene ngoMgqibelo noBingelela Mpanza ngo-9 kuya ku-12 emini kuSigiya Ngengoma.
“Siyazi ukuthi sisanda kwehlelwa isehlakalo esimbi kakhulu sokuthi sishiywe wumlingani wethu emhlabeni uBeekay uMacingwane,.
“Ngenxa yaleso sizathu sibe sesiphoqeleka ukuthi uTshatha athi ukubamba kulolo hlelo.
“Asisho ukuthi useyalwenza kepha usabambile ngesikhathi thina njengabaphathi sisaxoxisana ngaphakathi sisabonisana ukuthi kahle kahle sizokwenza kanjani kulolo hlelo,” kusho uPearl.