UDJ Sonic noKhaya Mthethwa abethula uhlelo iMidday Connection kwiGagasi FM
Image: Facebook
Abaphathi bomsakazo iGagasi FM bathi basazoqhubeka nokuba nezingosi ezithinta abantu ngenhloso yokuthi basizakale njengoba bebona ukuthi ziningi izinselelo ababhekene nazo.
U-Ayanda Melansi, oyiContent Specialist, esitatimendeni uthe ngenhloso yokubhekana nezinkinga zabantu besilisa, baqhamuke nezingosi okubalwa kuzo ethi 'Indoda Ayikhali' nethi 'Indoda Must'.
Indoda Ayikhali iba sohlelweni iMidday Connection olwethulwa wuKhaya Mthethwa noDJ Sonic emini phakathi nesonto kuthi kolwantambama ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu kube neNdoda Must.
Uthe lezi zingosi zize zenza ukuthi basungule ingqungquthela yamadoda iMen's Conference esizoba minyaka yonke maphakthi kuya ngasekupheleni konyaka.
"Inhloso enkulu yeMen's Conference nezingosi zabantu besilisa ezinhlelweni ukukhuthaza amadoda ukuthi akwazi ukubhoboka ngezinselelo nengcindezi abhekana nayo empilweni. Sizama ukuwakhuthaza ukuthi akujwayele ukuxoxa, angafeli ngaphakathi ngoba kuthiwa indoda ayikhali. Ziningi izinkolelo esezikhona mayelana nokuthi kusho ukuthini ukuba umuntu wesilisa. Uma usulandela kahle, ezinye zazo ziyadinga ukubhekisiswa ukuthi zinabo yini ubulungiswa kodwa ngeke kwenzeke lokho uma ingekho inkundla enika abantu besilisa ithuba lokuphefumula ngezindaba ezithinta bona," kusho u-Ayanda.
Uthe izihloko abasuke bekhuluma ngazo zehlukene futhi kubalwa kuzo ezithinta umsebenzi, ukhwantalala, ezothando nezinye.
Uthe abesilisa bathola nethuba lokuzwakalisa izinto ababhekene nazo empilweni yabo futhi bamema ongoti ukuthi bezolekelela.
Uthe kwiNdoda Must kubhekwa iqhaza okumele lidlalwe ngowesilisa.
Uveze ukuthi ziningi ezinye abazoba nazo ukuze kuzohlomula abalaleli.
Related Topics: