Ezokungcebeleka Ezemisakazo

UNjinji uyishiye ezinganeni imbewu yokuphoqa nokuphikelela

Simangaliso Ntshangase|Published

BEKUWUMUNYU wodwa ngenkathi izingane nonkosikazi wowayengumsakazi woKhozi FM ongasekho, uMandla "Njinji" Magwaza, bekhuluma ngaye enkonzweni yakhe yesikhumbuzo ebisezindlini zokusaza zalo msakazo, eThekwini ngoLwesine

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

UCHAZWE ngokuthi ubewumuntu ophikelelayo nophoqa ukuthola nokufeza zonke izinto ezinhle nabezifisela zona empilweni owayengumsakazi nomdidiyeli wezinhlelo zoKhozi FM, uMandla “Njinji” Magwaza (ongasekho emhlabeni), okuvele izindaba zokushona kwakhe ngoMgqibelo ngemva kokuxinwa wukugula.

Lokho kubekwe yingxenye yezethemali ebezihambele inkonzo yesikhumbuzo sikaNjinji (41) ebiyenziwe ezindlini zokusakaza zoKhozi FM, eThekwini izolo lapho obekubuthene khona abasakazi balo msakazo, umndeni, izihlobo nabangani bakhe bezomkhumbula.

Umkakhe, uNkk Nqobile Magwaza, uthe umyeni wakhe ubewumuntu onothando, futhi ezithanda kakhulu izingane zakhe, kangangokuthi bekuke kube nezikhathi lapho beze bebanga khona ukuthi sengathi usebeka izingane phambili kakhulu kunaye.

OMUNYE wabasakazi osekunesikhathi eside esebenza oKhozini FM - uMandla Mdletshe elandisa ngohambo lwakhe lokusebenzisana nowayengumsakazi walesi siteshi ongasekho emhlabeni, uMandla "Njinji" Magwaza, enkonzweni yesikhumbuzo sakhe ebisezindlini zomsakazo, eThekwini ngoLwesine

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

“Ngiyakhumbula futhi ukuthi ngehluleka ngaze ngancama ngizama ukumnqanda ukuthi angayi nezingane zethu emsebenzini ngoba ngibona zincane. Kulokho waphokophela ngoba ethi ufisa ukuthi ziqale kusemanje ukufunda nokuqonda umsebenzi awenzayo, ngenhloso yokuthi zingasali zisokola uma yena esengasekho emhlabeni,” kusho uNkk Magwaza.

Enye yamadodakazi kaNjini, uSinothando Magwaza, ichaze uyise ngokuthi ubewumunu okhonze ukuzihlekela futhi ehlale eqinisekisa ukuthi unesikhathi esanele nomndeni wakhe.

“Engikukhumbula kakhulu ngaye wukuthi ubefuna ukuthi ngazi konke akwenza emsebenzini, kangangokuthi ubeseqalile nokungifundisa umsebenzi wokuhluza nokuqondisa izikhangiso abevame ukuba matasa ngazo uma sisekhaya. Ngangingathandi nhlobo ukukwenza ngenkathi kusaqala, kodwa ngagcina sengikuthokozela kakhulu,” kusho uSinothando.

UMSAKAZI woKhozi FM uPhindiP eduduza izethameli ngomculo enkonzweni yokukhumbula owayengumsakazi woKhozi FM ongasekho emhlabeni, uMandla "Njinji" Magwaza, ebisezindlini zomsakazo, eThekwini ngoLwesine

Image: SIBONELO NGCBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

Omunye wabangani bakhe, uSabelo Sithole, owaziwa ngelikaNtombeningi, uthe akubonga kakhulu ngaye wukuthi ume naye nasezikhathini lapho impilo ibinzima kuyena, futhi wamamukela enjengoba enjalo, wangamcwasa ngenxa yohlobo lomuntu ayilona.

“Ngingeke ngakufihla nokuthi ukube akanginikanga ithuba lokungena oKhozini ohlelweni ayelusakaza eminyakeni edlule ukuthi ngizokwenza umgosi kulona, ngabe mhlawumbe angifikanga kulesi sigaba nezinga engikulona manje. Ngakho ngiyohlale ngimkhumbula futhi ngimthandela ukuma entweni akholelwa kuyona njalo,” kusho uNtombeningi.

Omunye wabasakazi osekuyisikhathi eside beyibambile emsakazweni Ukhozi FM, uMandla Mdletshe, uthe uyohlale emhlonipha uNjinji ngenxa yomsebenzi wakhe omuhle nobumangalisa. Uthe ikakhulu njengoba kwathi efika kulo msakazo ngo-2008 waba ngowokuqala ukuba wumdidiyeli wemisindo, futhi wenza umsebenzi omuhle nangenkathi eseyiphimbo lesiteshi.

BEKUWUSIZI lodwa kuNkk Eunice Magwaza, ongunina wowayengumsakazi woKhozi FM ongasekho uMandla "Njinji" Magwaza, obekunenkonzo yokumkhumbula ezindlini zokusakaza zalo msakazo, eThekwini ngoLwesine

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

“Wenze umsebenzi omuhle noncomekayo futhi ngokuvulela ithuba abantu namaciko esasikade singawazi, kepha wasebenzisa ukuphokophela nokufohla kwakhe ukuthi bathole ithuba lokugqamisa imisebenzi yabo ehlukene. Manje sesibabona benza izinto ezinhle emphakathini nasezweni lonke ngenxa yesandla neso lakhe lokubona ikhono,” usho kanje.

Kule nkonzo bekukhona abasakazi abehlukene abasebenze noNjinji okubalwa kubona uVicky Masuku, Londathina Mbatha, Smangele Mathibeli, Ayanda Melansi weGagasi FM, Somnyama Khumalo, PhindiP, umculi uJumbo, Nkosinathi Mshengu, Dudu “LadyD” Khoza nabebephethe uhlelo oLucky Nkosi nomculi uSizwe Mdlalose.

Inkonzo yokugcina kaNjinji, odabuka eJozini, enyakatho yeKwaZulu-Natal, izoba ngalo Mgqibelo  eTshanyana Primary, eNanda, enyakatho yeTheku.