UMandla 'Njinji' Magzwaza ozakhele udumo kuKhozi FM
Image: Facebook
UMANDLA “Njinji”/Njinji Wami Magwaza oshone ngoMgqibelo, ubedabuka eJozini.
Ngokomlando wakhe oshicilelwe kwi-website yeSABC, uthando lomsakazo luqale esafunda esikoleni samabanga aphakeme. Wayesebenza esho umgosi nezokungcebeleka emsakazweni womphakathi iMaputaland Community Radio.
Emuva kokuqeda u-matric ngo-2003, wenze izifundo ze-radio production.
Akuphela isikhathi esingakanani wasebenza kwiDurban Youth Radio, lapho enze khona izinhlelo ezihlukene.
Ngo-2007, uqashwe yiSABC ezoba yi-technical producer eyitoho. Usuke lapho wangena ophikweni lwezikhangiso khona eSABC ewunjiniyela wemisindo.
UKhozi ulijoyine njenge-technical producer yohlelo lwasekuseni iVuka Mzansi Breakfast Show ngaleso sikhathi lushayelwa wuLinda “Mr Magic” Sibiya.
Ugcine ethola uhlelo lwakhe Ukhozi FM Top 20 ngemiGqibelo ngaphambi kokushiya ngo-2024.
Ubenamakhono amaningi njengoba ubekwazi ukusebenzisa iphimbo lakhe ukwenza izikhangiso aphinde aphathe uhlelo emicimbini. Uke wasetshenziswa isikhathi eside oKhozini enza amabika esiteshi nezinhlelo.
Ubephinde aziwe ngokwenza izikhangiso futhi aphathe uhlelo emicimbini.
Ngo-2024, ukhombise ikhono lokwethula izinhlelo zethelevishini ngohlelo lwabaculi kamaskandi, Ushuni Womhlaba noMpumi “Msakazi” Mlambo.
Related Topics: