Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa noKhozi kushona uNjinji

Fanelesibonge Bengu|Published

UMandla 'Njinji' Magwaza oshone ngoMgqibelo, emuva kokugula isikhashana

Image: Facebook

KUPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla “Njinji” Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.

Izindaba zokushona kukaNjinji (42) ziqinisekisiwe umndeni ngesitatimende.

“Umndeni wakwaMagwaza uphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kwendodana yawo, ubhuti, ubaba, umyeni nelungu lomndeni uMandla “Njinji” Magwaza ozalwe ngoDisemba 8 ngo-1984,” kusho isitatimende.

Sithe umndeni uphatheke kabi ngalokhu futhi ucela isikhathi sokuba wodwa esithe. Nokho uthe uyakubonga ukwesekwa okutholayo nemiyalezo yenduduzo.

Lokhu kuthuse abantu abaningi ngoba ubesanda kubonakala engomunye wabaphathi bohlelo emcimbini iLast Dance Music Festival eMgungundlovu, ngoDisemba 31.

UNjinji wesule emsakazweni Ukhozi FM ekupheleni kuka-2024.

Ngaleso sikhathi wayethula uhlelo Ukhozi FM Top 20 ngoMgqibelo.

Ngaphandle kokusakaza, uzakhele udumo ngephimbo lakhe elalisebenza kumabika esiteshi nasezikhangisweni.

Umsakazi woKhozi FM, uLucky Nkosi, uthe ibuhlungu indaba kaNjinji obedume ngokwenza izikhangiso ezidlala emsakazweni.

“Ngike ngaba nesikhathi naye ngoDisemba, ngaze ngazi udadewabo, izingane, ikhaya lakhe nomuzi wakhe. Konke lokhu kwenzeke engasasebenzi oKhozini. Kubuhlungu kakhulu uma ngicabanga izingane zakhe ezisencane nokuthi ubeyithemba emndenini,” kubhala uLucky kwiFacebook.

Uthe kuba buhlungu kakhulu ukubona abantu bephawula ngokufa bese beyamanisa umsakazo.

“Kodwa umuntu okaNkulunkulu akayena owomuntu. Uma engakavumi kwehluleka izinkabi nabathakathi. Ngiyacela bakithi, le nto yokubhala ngoKhozi nokufa iwusizaphi umndeni nezihlobo? Kuningi ebesingakusho ngoNjinji simhlonipha, sikuyeke okunye,” kuqhuba uLucky.

Uthe umkhakha wonke wokusakaza ulahlekelwe ngephimbo lakhe athe belisho kudume amawa.

Owayengumsakazi woKhozi uNjinji afikela ohlelweni lwakhe njenge-technical producer, uLinda “Mr Magic” Sibiya, uthe uphatheke kabi kakhulu ngoba ubesemncane.

“Uma ngibuka yena ngibuka noBK Mchunu noTshatha, yibona bantu engaba nesandla kakhulu emsebenzini wabo. Uma kuzohamba umuntu osemncane kusabhekwe okukhulu kuye kubuhlungu,” kusho uLinda.

Uthe ubenethelante eliyisimanga ngokuhlanganisa imisindo nokwenza izikhangiso ngoba noFelix Hlophe esadlalisa abantu ngokubafonela ohlelweni lwakhe, uyena owayehlanganisa imisindo.

“Akekho obenodlebe njengaye. Kimina engibavumayo bathathu – uNjinji, uSandile Mdlalose noDJ Sgqemeza. Namanje uSgqemeza ngisambona njenge-technical producer enekhono. UNjinji ubekwazi ukukhalisa noma yini.”

UDudu “Lady D” Khoza naye osebenze kakhulu noNjinji uthe: “UNkulunkulu kuphela owaziyo Njinji wami.”

Umndeni uthe imininingwane ephelele ngezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.