Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Akasekho emhlabeni uMandla "Njinji" Magwaza wodumo kuKhozi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UMandla “Njinji” Magzwaza ozakhele udumo kuKhozi FM

Image: Facebook

Akasekho emhlabeni owayengumsakazi woKhozi FM, uMandla “Njinji” Magwaza, oshone ngoMgqibelo esibhedlela ngemuva kokugula.

Isolezwe lithole ngemithombo yalo ukuthi uNjinji, obebuye aziwe ngoNjinjiwami, akasekho nokuyinto esiqinisekiswe wumndeni ngesitatimende.

“Umndeni wakwaMagwaza uphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kwendodana yawo, ubhuti, ubaba, umyeni nelungu lomndeni uMandla “Njinji” Magwaza ozalwe ngoDisemba 8 ngo-1984,” kusho isitatimende.

Sithe umndeni uphatheke kabi ngalokhu futhi ucela isikhathi sokuba wodwa esithe. Nokho uthe uyakubonga ukwesekwa okutholayo nemiyalezo yenduduzo.

“Imininingwane mayelana ngezinhlelo zenkonzo yesikhumbuzo nomngcwabo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.”