OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uSiya Mhlongo, owalahlwa ngecala lokushaya
Image: Facebook
KUBUKEKA luselude ukhalo ecaleni lokushaya elibhekene nowayengumsakazi woKhozi FM, uSiya Mhlongo, kulandela ukuvunwa yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu esicelweni sakhe sokumisa ukugwetshwa.
USiya engavuselelwanga inkontileka yakhe oKhozini nyakenye, watholwa enecala lokushaya ngenhloso yokulimaza okuthiwa wayeyisoka lakhe, uNjabulo Duma, ngo-2024.
Ummangali watshela inkantolo ukuthi uSiya wamgqema ngebhodlela leSavanna sebegoduka bephuma endaweni yobumnandi kuFlorida Road, eThekwini, ezinzulwini zobusuku.
Ngaphambi kokuthi imantshi, uMhlonipheni Sibiya, ikhiphe isigwebo ngenyanga edlule, abameli bakaSiya baveze ukuthi bafuna sibuyekezwe yinkantolo enkulu isinqumo sokumthola enecala.
Ngokwesinqumo seJaji uSiphokazi Jikela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, ngoLwesine, imantshi iyalelwe ukuthi ime ekugwebeni uSiya.
Ngokwamaphepha Isolezwe elinayo ikhophi yawo, kuzoma kuze kuba kuphuma isinqumo ngesicelo sokubuyekezwa ukutholwa kwakhe necala.
USiya ukhala ngokuthi kube nokungahambi kahle ngokutholwa kwakhe necala. Imantshi kumele ifake amaphepha enkantolo enkulu, ichaze ukuthi kungani isinqumo sayo sokumlahla ngecala kumele singashintshwa?
Akucaci ukuthi lokhu kuzokwenzeka nini.
Related Topics: