Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Umdlalo omuhle mawuqhubeke emisakazweni

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSAKAZI woKhozi FM uKhathide "Tshatha" Ngobe nengwazi uLinda "Mr Magic" Sibiya

Image: Instagram

KWI-HIP hop kunale nto okuthiwa yi-beef lapho abaculi bengcweka khona ngomculo.        

Kusuke kuyindlela yokujabulisa abalandeli ngokuveza ithalente lokudlala ngamagama kodwa kokunye kuyenzeka kube yinzondo yangempela.

ENingizimu Afrika akekho ongayikhohlwa impi ka-AKA noCassper Nyovest. Abanye omrepha uBig Zulu noDuncan nabo bake bazama ukungcofana ngengoma sebebona ukuthi sengathi idumela le hip hop liyehla.

Okwenzeke emisakazweni yaKwaZulu-Natal ngoDisemba ungacishe ukufanise ne-beef 

Kungenzeka ukuthi iGagasi FM belizenzela into yalo linganake lutho ngokumema uLinda “Mr Magic” Sibiya ukuthi azosakaza noFelix Hlophe noMinnie Ntuli.

Isasasa elibe khona lize lenza abalaleli ukuthi bamfune ohlelweni lokuhlukanisa unyaka.

UMagic yingwazi yoKhozi FM ngakho nakanjani igama lalo belingeke lingangeni kwazise nabaningi bajwayele ukuvula łona ngosuku olwandulela uNcibijane.

Nangempela kube sekuba khona abathi bazolushiya phansi ngoDisemba 31 bayolalela uMr Magic.

Ngike ngezwa abebewushaya indiva umsindo iGagasi ebeliza nawo ngoba bekholwa wukuthi yiziteshi ezingangancintisani kwazise iGagasi yisiteshi sesifundazwe kuthi Ukhozi lube olukazwelonke.

Noma bethanda abaphathi boKhozi bebengeke bakwazi bona ukuziba noma ngabe ngokwamalayiseni kuyiziteshi ezingafani kodwa iqiniso wukuthi umbango wabalaleli nabakhangisi ukhona. Ngeke Ukhozi luvume ukuthi iGagasi lizicanasele KwaZulu-Natal, neGagasi ngokunjalo lizolwa.

Yingakho Ukhozi lugcine ‘luphendula’ ngoDisemba 31 ngokusebenzisa amaphimbo oMagic noSelbeyonce Mkhize njengesingeniso sohlelo lokuhlukanisa unyaka obelushayelwa wuTshatha Ngobe noSthandwa Nzuza.

Kungihlekisile ukuthi uma Ukhozi luthanda, luyambona uMagic njengengwazi yalo. Angikhumbuli kodwa emenywa uma kuthiwa isiteshi sibiza abasakazi bakudala.

Noma ungakubuka kanjani okwenzekile kodwa kusizile ekutheni kukhulunywe ngemisakazo esikhathini lapho kudume khona ama-podcast.

IGagasi liqhubekile nokuba sematheni ngoba belibuya kwindumezulu yeBeach Fest kwalisebenzela ngabaxhasi nabakhangisi ezinhlelweni. Libe nonyaka omuhle impela.

Nginesiqiniseko sokuthi lizoqhubeka nokuba semehlweni nasezindlebeni kwazise ligubha iminyaka engu-20 kulo nyaka.

Ithimba loKhozi usemningi umsebenzi osalihlalele, sengijahe ukuzwa ukuthi ngo-Ephreli luzomisa kanjani.

Umdlalo omuhle mawuqhubeke.