ULinda Sibiya noSelbeyonce Mkhize abebesakaza kwiGagasi FM ngoLwesithathu ebusuku
Image: Facebook/Gagasi FM
ISASASA elibe khona ngohlelo lokuwelela ku-2025 lenze ukuthi i-website yeGagasi FM ife isiteshi singakwazi ukulaleleka khona.
Lolu hlelo olungene ngo-9 ebusuku kuya phakathi kwamabili, belusakazwa yingwazi yomsakazi obeyisimenywa, uLinda “Mr Magic” Sibiya noSelbeyonce.
Bekuzoba khona nomethuli wohlelo lwasekuseni phakathi nesonto uFelix Hlophe kodwa wamiswa amasonto amabili ngenxa yezinkinga zangasese ezinekwe emphakathini.
Abantu bese bekhala ezinkundleni zokuxhuma ngokuthi abakwazi ukulalela isiteshi kwi-app yaso.
Esitatimendeni iGagasi lithe liyazi ngobunzima elibhekene nabo ngenxa yomthamo ophezulu wabantu abalalele.
“Ithimba lethu lisebenza ngokuzikhandla ukulungisa ngale nkinga. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona. Okwamanje sidlala bukhoma ekhasini lethu leFacebook,” kusho isitatimende seGagasi.
UMr Magic noSelbeyonce bagcine bededela ingoma kaDJ Tira, Pcee neCampMasters abapike kuyo uGeneral C’mamane ethi Awungazi kwaba yiyo efaka abalaleli ku-2026.
UDJ Tira ubonge kuFacebook.
“Awungazi… Uzongazi. Ngiyabonga. Happy New Year.”