Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Ubesematheni uMinnie Ntuli ezigamekweni ezithinta umbhobho ngo-2025

Fanelesibonge Bengu|Published

UMinnie Ntuli ube wumsakazi osematheni ngo-2025

Image: Siphamandla Nzimande

ZININGI izigigaba ezenzeke emisakazweni nakubasakazi uqobo kulo ngo-2025, ezishiye abaningi bekhuluma.

Emisakazweni inyanga esuke ibhekwe kakhulu wu-Ephreli, lapho khona eminingi - ethathwa njengemikhulu - yenza izinguquko.

Imisakazo eminingi ikhethe ukuqhubeka ngendlela izinhlelo ebeziyiyo ngaphandle kokwenza izinguquko ezimbalwa.

KuKhozi FM kubuyiswe “indodakazi yolahleko” uSthandwa Nzuza kulandela ukuhamba ngo-2019, ngesikhathi ingavuselelwanga inkontileka yakhe.

Akabuyanga yedwa kodwa noVusizwe Langa, othathe indawo kaTshatha Ngobe ohlelweni iSigiya Ngengoma.

Ngesikhathi kubuya laba, igama likaSiya Mhlongo kalibonakalanga nangokhalo ohlwini lwabasakazi boKhozi kulandela ukuhlaba kwakhe ikhefu ngonyaka odlule. Wahlala ekhaya kulandela ukuboshelwa icala lokushaya okulindeleke ukuthi agwetshwe ngalo.

Kulona uKhozi FM, kuphinde kwaqashwa umphathi wesiteshi omusha, uLwazi Mthabela, ovale isikhala sikaSbongi Ngcobo oshiye kungazelele muntu ekupheleni konyaka odlule.

Ekuphatheni izinhlelo kulandwe uLango Cele kwathi kwezokukhangisa kwafakwa uZippy Ndokweni.

Seluzitshela ukuthi luqedile ngezinguquko uKhozi olundizela phezulu, ligadlile iGagasi FM lilanda uSelbeyonce Mkhize. Ufike wayobamba noDJ Sphectacula noNaves ohlelweni lwantambama phakathi nesonto.

Aligcinanga lapho, iGagasi kodwa lilande noThozama Ngwenya osedidiyela uhlelo lukaFelix Hlophe noMinnie Ntuli ekuseni phakathi nesonto.

NgisekuMinnie, uyowukhohlwa efile lo nyaka ngoba zimnethile kulandela izenzo nezinkulumo zakhe ohlelweni iReal Housewives of Durban.

Waziqhatha nolaka lwababukeli nabalandeli bakaLondie London ngokumngcofa, ethi usebenza elele ngomgogodla waphinde wamhlokoloza nangomunwe esiphongweni.

Uchithe isikhathi eside ehleli ekhaya, indawo yakhe ibanjwe uNkulee Mbatha njengoba esebuyile.

Ngesikhathi uMinnie yena esebuyile, uDJ Vumar wakhetha ukushiya kwiGagasi ukuze ezolulama kahle emuva kokulimala engozini yemoto.

Omunye oshiyile kube wuZisto Mhlongo owelele komakhelwane i-East Coast Radio.

Abanye omakhelwane beGagasi FM, iVuma FM, zike zayinetha ngesikhathi ikhulula uJacinta Ngobese Zuma. Ngendlela abalaleli abacasuka ngayo, abanye bahoxa ekuyilandeleni ezinkundleni zokuxhumana.

Sibonile nakuyona iVuma kushintshana uBongani Mtolo esuka ohlelweni lwantambama phakathi nesonto eseya kolwasekuseni obelwenziwa wuMzokoloko Gumede yena osengena ntambama.

EGoli khona, uSol Phenduka wodumo lwePodcast and Chill with MacG, ukhonjwe indlela kwiKaya FM. Kuthiwa waxoshelwa izinkulumo ezikhombisa inzondo ebantwini besifazane, ikakhulukazi ngoMinnie Dlamini ohlelweni lwabo kwiYouTube.

Uzakwabo abesakaza naye, uSizwe Dhlomo, yena ube sematheni ngokwakha i-studio esiseqophelweni eliphezulu emzini wakhe athi uzosakaza kuso.

Umsakazi owakhululwa kwiKaya FM emuva kokungqubuzana noSizwe, u-Unathi Nkayi, ukhuze ibuya emsakazweni noDJ Fresh. Bethule umsakazo omusha i-93.8FM. UFresh usakaza uhlelo lwasekuseni kuthi u-Unathi yena ethule olwantambama.