UMAKADEBONA womsakazi uLinda "Mr Magic" Sibiya uzosakaza kwiGagasi FM ngoDisemba 31 ebusuku
Image: SIGCINIWE
UYIQHATHE wayishiya umsakazo iGagasi FM kubalaleli baKwaZulu-Natal ngemuva kokubamba ufishi omkhulu ngokufaka uLinda "Mr Magic" Sibiya ukuba abe sethimbeni elingenisa abalaleli onyakeni ka-2026.
Selokhu kwathi nhlo, isiteshi uKhozi FM sigiya sodwa kule nkundla ngokulandelwa kakhulu kodwa kuchwaze izinkundla izolo ngesikhathi abalaleli beGagasi betshelwa ukuthi ugalagala lombhobho uLinda, owayeyintandokazi oKhozini eminyakeni edlule, ufakwe esikimini seGagasi.
Ukufakwa kukaMr Magic kulolu hlelo lomhla ka-31 Disemba, kuzolwenza lube ngolosondonzima bodwa njengoba ezobambisana noFelix Hlophe noSelby "Selbeyonce" Mkhize abangaconsi phansi kubathandi bomsakazo muva nje.
Ukungena ngewindi kuka-Mr Magic eGagasini, kulandela isasasa elibe khona lesi siteshi simenza umsakazi oyisimenywa ohlelweni lwasekuseni i-The Uprising oluphethwe uFelix noMinnie Ntuli. Indlela asakaza ngayo abanye abalaleli baphakamise ukuthi agcinwe unomphela noma anikwe ithuba lokwethula uhlelo lokuhlukanisa unyaka okuyinto ayeyenza esesoKhozini.
Izolo ekuseni ekhasini leGagasi kuFacebook kufakwe isikhangiso sokuthi uma bethola ama-likes angu-10 000 bazocela kumphathi u-Alex Mthiyane ukuthi uLinda asakaziswe uhlelo lwangoDisemba 31. Ama-likes agcine edlule ku-40 000 nebala uFelix wafonela u-Alex emcela.
UMinnie uthe ngeke akwazi ukuba yingxenye yohlelo ngoba usanda kuteta nokulotsholwa kwase kufakwa uSelbeyonce.
“Thumbeza (Felix) uma kuwukuthi abalaleli bayaseseka ngeke sime endleleni yabalaleli bethu. Uma kuwukuthi niwuthole ngempela lo-10 000 wama-likes njengoba nisho, nakanjani. Nakanjani! Ngakho uhlelo lokuhlukanisa unyaka njengoba uHlophe esho kuzoba uHlophe, Selbeyonce noMr Magic,” kusho u-Alex kwachwaza e-studio.
Okhulumela iGagasi FM, uKhulekani Shandu, utshele Isolezwe Ngempelasonto ukuthi indlela abalaleli abakhombise ngayo isasasa uLinda eyisimenywa iyona eyenze babanika ithuba lokuthi basho abafisa ukukuzwa ngoDisemba 31.
“Abalaleli sithe abasho abangafisa ukukuzwa uma sebewelela onyakeni omusha, bazikhethela bona uLinda, Felix noSelby. Into esiyijabulelayo ukuthi noma sesimemela isasasa libe phezulu kakhulu. Kuyacaca ukuthi iKZN yonke ngomhlaka 31 izobe ilalele iGagasi FM,” kusho uKhulekani.
Ebuzwa ngezinkulumo zabanye zokuthi anikwe uhlelo nokuyinto uLinda athe ngeke ayinqabe, uKhulekani uthe okwamanje ubeseyisimenywa.
“Ayikho inkulumo esafike lapho. Ubemenyiwe nokuyinto esijwayeleke ukuyenza ngalesi sikhathi sonyaka. Izinhlelo zithi ukushintsha kancane kube nezekhethelo,” kuchaza uKhulekani.
UKhulekani uphethe ngokunxenxa abalaleli ukuba bavotele ingoma abafuna ukuwelela ngayo onyakeni omusha kwezingu-100 asebezitomulile. Ukuvota, okwenziwa kwi-website yeGagasi, kuzovalwa ngoDisemba 22.
Related Topics: