Ezokungcebeleka Ezemisakazo

IGagasi FM yisiteshi sonyaka!

Fanelesibonge Bengu|Published

UMINENHLE Dlamini ongumphathi weGagasi FM

Image: Facebook

UMBONO

UKUBE akukhalwa ngokugqoza kwabaxhasi emicimbini ngabe ngisungula imiklomelo yemisakazo bese ngichoma uphaphe lwegwalagwala engibona ibafanele kulo nyaka.

Uyabona nje owesiteshi esivelele ngingawunika iGagasi FM ngaphandle kokungabaza.

KumaRadio Awards azoba ngenyanga ezayo ngibonile ukuthi uSiphelele Nzuza ulimele eqokelwa emunxeni weContent Producer kwathi uhlelo lwezemidlalo i-Extra Time lwaqokwa koweSports Show.

Mina ngoba anginawo umcimbi sengiyogcina ngakho ukubancoma kuyona le ngosi.

Ngaphansi kobuholi bukaMinenhle Dlamini ngibona silokhu siqhubeke njalo nokudlondlobala lesi siteshi.

Uma ulalela emoyeni ngicabanga ukuthi kwaba yisinqumo esiphusile kubaphathi bezinhlelo ukuthi kube nozinzo bangenzi izinguquko ezingenasidingo kulo nyaka.

Kusuka ekuseni kuze kube sebusuku yisiteshi ongakwazi ukusilalela ngaphandle kokushintsha.

Nangesikhathi kunezivunguvungu ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto, iThe Uprising, bakwazile ukumelana nazo ngendlela. Phela uFelix Hlophe uke wabamba noNkulee Mbatha ngesikhathi uMinnie Ntuli esahlabe ikhefu kulandela umsindo owasuka ngenxa yezenzo zakhe kwiThe Real Housewives of Durban.

Sekuwumlando konke lokho ngoba yena noFelix bayinomfi, uhlelo balushaya luthule luthi du uqale usuku ujabulile futhi unothe nangolwazi.

UNjabs Zwane ngo-9 kuya ku-12 ungathi kade aqala ngendlela alubambe thaqa ngayo uhlelo.

Emini uDJ Sonic noKhaya Mthethwa nabo bagijima ngendlela yabo ephinde idle ngamancoko.

Isinqumo sokubuyisa uDJ Sphectacula noNaves ntambama saba wumqondo omuhle base bethi thasi ngoSelbeyonce naye ovele wangena khaxa.

Ungazithola uze ucishe ungalali ngempela ngoba noHeazy ushaya into ecokeme kwi-After 8 is After 8.

Kodwa aligcini ngokwenza kahle emoyeni kuphela iGagasi ngoba nasezinkundleni zokuxhumana likhona ngama-video nezithombe okuhlabahlosile.

Ama-video okusuke kwenzeke ezinhlelweni angaze ahehe ngisho abebengalaleli ukuthi ngokuzayo balivule iGagasi.

Ngeke ngikhohlwe yibhuku elitholakala online iG-Mag nalo abasanda kulisungula.

Ithimba lezokukhangisa kumele liziqhenye ngomsebenzi walo ngoba isiteshi siyabonakala nasemphakathini.

Ngike ngibone ukuthi kuba mnandi kabi uma abasakazi bephumile beyohlangana nabalaleli njengoba bemaketha iBeach Fest amathikithi ayo asedayise aphela.

Isiteshi sibonakala futhi sizwakala singesabantu abasha baKwaZulu-Natal jikelele.

Kuningi okunye, bengikha phezulu nje kodwa ngithi halala Gagasi FM. Imisebenzi iyabonakala!

Impumelelo yanonyaka isiyogujwa kuyona belu iBeach Fest ePeople's Park, eMoses Mabhida, ngoDisemba 6.