Ezokungcebeleka Ezemisakazo

IGagasi FM limise uFelix Hlophe emoyeni

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSAKAZI weGagasi FM, uFelix Hlophe, osenikwe ikhefu lamasonto amabili

Image: Sigciniwe

IGAGASI FM selimemezele ukumiswa amasonto amabili kwesilomo somsakazi uFelix Hlophe emoyeni.

UFelix usematheni kulandela ukuvela kwe-video kungathi uyolanda umkakhe nezingane emzini othize.

Kuqubuke izinsolo zokuhlukumezeka komkakhe.

Esitatimendeni iGagasi FM lithe kulamasonto amabili azayo uhlelo lwakhe luzobanjwa uHeazy ozongena noMinnie Ntuli.

Ekuseni ngoMsombuluko kumangale abaningi engazwakali kulolu hlelo olungena ekuseni phakathi nesonto.

“UFelix kulindeleke ukuthi abuyele emoyeni ngoJanuwari 19,” kusho isitatimende.

Incwadi yeGagasi FM eqinisekisaeukumiswa kukaFelix Hlophe

Image: Ithunyelwe

Sithe ukumiswa kwakhe kuzonika isiteshi ithuba lokuhlolisisa okubikwa ngakho ezinkundleni zokuxhumana nasemazikweni ahlukene.

“Futhi kuzonika uFelix isikhathi sokuthi abhekane nezindaba zakhe ezimdingayo,” kusho iGagasi.

Lithe akusekho okunye elizokusho ngalolu daba.

UFelix ubelindeleke ukuthi ethule nohlelo lokuhlukanisa unyaka ngoDisemba 31. Seluzobanjwa uSelbeyonce noLinda “Mr Magic” Sibiya kuphela.