Ezokungcebeleka Ezemisakazo

IRadio Encane iphawula ngolokuhlukanisa unyaka oKhozini

Fanelesibonge Bengu|Published

OWAYEYISILOMO somsakazi woKhozi FM, uMandla Malakoana

Image: Facebook

ISINQUMO seGagasi FM sokufaka ingwazi uLinda “Mr Magic” Sibiya ohlelweni lokuhlukanisa unyaka ngoDisemba 31, senze kwavela igama likaMandla "Radio Encane” Malakoane njengozobangisana naye abalaleli baKwaZulu-Natal ngesikhathi esifanayo kuKhozi FM.

ULinda uzosakaza noFelix Hlophe noSelbeyonce Mkhize ngo-9 ebusuku kuya ku-12 phakathi kwamabili.

Isimemezelo seGagasi sisuse igidigidi ezinkundleni zokuxhumana kangangokuba sekuzungeza isithombe sabasakazi okuthiwa yibona abazohlukanisa kuKhozi.

Esithombeni kufakwe uMroza Buthelezi, Tshatha Ngobe nenkakha uMandla.

Nokho kuzokwehla izihlathi kubathandi balaba basakazi njengoba emakhasini oKhozi singekho.

Ekhuluma neSolezwe, uMandla osewathi khumu kwezokusakaza, ukuphikile ukuthi uzobe ebambe umbhobho ngoDisemba 31.

“Ngabe ngidlala ngabo abaphathi bomsakazo uma ngingathi kukhona oke wangithinta kubona,” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi ingabe uma engabizwa engasabela yini, ushaye ngamafuphi wathi: “Ngoba sengishilo ukuthi ubuqiniso balokhu abukho ngicela siyibambe lapho.”

Kwenzeka lokhu nje, kuyaqhubeka ukuvotela ingoma ezodlala phakathi kwamabili oKhozini.

Emncintiswaneni woKhozi weNgoma Ehlukanisa Unyaka, kuhamba phambili ingoma kaMafikizolo ethi Uyoncengwa Unyoko.

Izibalo zakamuva ziveza ukuthi ilandelwa yiBengicela kaMawhoo epike uGL Ceejay, Thukuthela noJazzwrld.

Endaweni yesithathu kulandela uDJ Tira, Pcee neCampMasters ne-Awungazi abapike kuyo uGeneral C-mamane.

Ukuvota kuzovalwa emini ngoDisemba 31.

KwiGagasi FM khona ukuvotela izingoma ezikwiTop 100 kuvaliwe izolo.