KUYAQALA ngoLwesihlanu, ukukhetha izingoma ezizoba kwiTop 10 yokuhlukanisa unyaka kuKhozi FM
Image: Sithunyelwe
Uyaqala ngoLwesihlanu umkhankaso weNgoma Ehlukanisa Unyaka kuKhozi FM kulokhu ozoba nezinguquko.
Eminyakeni edlule, izingoma ezingu-10 ezivotelwayo bezikhethwa abalaleli, abasakazi kuphinde kubhekwe nokuthi ziyadlalwa yini emsakazweni.
Kulokhu abalaleli bazoqala ukuvota ohlwini lwezingu-10 abakhethelwe zona. Ukuvota kuzovulwa ngo-12 emini ngoLwesihlanu, kuze kube wu-12 emini ngoNovemba 26.
Ngemuva kwalokho, kuzobe sekumenyezelwa ezingu-10 eziphambili ezizovotelwa kusuka ngoDisemba 1 kuze kube yisemini ngoDisemba 31.
Umphathi woKhozi, uLwazi Mthabela ekhuluma neSolezwe ngoLwesithathu emini, uthe ngenxa yezeluleko abazithole kubacwaningi mabhuku, bekumele balawule izinto ukuze kuzoba yizingoma ezisezingeni ezingena kwi-top 10.
“Isikhathi eziqokwayo ezingagunyaziwe ukungena siyasilimaza sizithole sithatha isikhathi ekutheni sikhiphe eziphambili nokunye. Izingoma ezizongena ngezangomhlaka-1 Januwari 2025 kuya ku-October 31. Esikwenzile ukuthi izinhlelo zomculo ezifana neTop 20 neChillas bese sibheka nomshini wethu wokudlala umculo iDira, bese sibheka neziphakamiso abasakazi konke lokho kuhambile kwaya kubacwaningi mabhuku base beyahlanganisa. Sithe thina sicela nisikhethele ezingu-20 ezihambe phambili ezingomeni eziphakanyiswe lapha, basibhekela ukuthi yonke into ihambe kahle lapho. Sibuyile sazobheka emishinini ukuthi ingoma idlalwe ngesikhathi esikaliwe yini, sabheka nokuthi idlale kangaki onyakeni ngoba nalokho kubalulekile sase sibheka nokuthi ingoma idume kanjani ezinkundleni zokuxhumana njalo njalo,” kusho uLwazi.
Uthe abalaleli bazohlomula ngemiklomelo ehlukene. Umculi ozonqoba uzohlomula ngeVW Polo TSI entsha.
Related Topics: