UMROZA noDJ Sgqemeza abethula uhlelo iVuka Afrika Breakfast Show oKhozini FM ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nezinsuku
Image: FACEBOOK/DJ SGQEMEZA
UMBONO
ISIKHATHI esiningi ekuseni phakathi nezinsuku ngivame ukulalela uhlelo i-Morning Brief olwethulwa wuThulasizwe Simelane kwi-SAfm ngoba ngisuke ngifuna ukuzwa kahle ukuthi yiziphi izindaba ezihamba phambili nengingalindela ukuthi zibe phambili kulolo nalolo suku, ngoba yinto esemqoka kakhulu leyo uma uyintatheli - ukwazi ngezindaba ezisematheni.
Kodwa kuthe ngoLwesibili, ngathi ake ngivule umsakazo uKhozi FM, ngifuna ukuzwa ukuthi kuhamba kanjani ohlelweni iVuka Afrika Breakfast Show, olwethulwa wuSipho "DJ Sqgemeza" Mbatha noNonhlanhla "Mroza" Buthelezi.
Angilibeke ngingananazi ukuthi ngehlulekile ukulalela lolu hlelo luze luphele, kungesikho ukuthi mhlawumbe belungashayi khona noma yini, kuphela nje ngisuke ngadinwa yindlela laba basakazi abasingathe ngayo ingosi yasekuseni ethi Bathini Abashana - lapho abasuke benezihloko ezithile ezehlukene ezisuke zibhekiswe ezinganeni ukuthi zithumele ama-voice note, ziphendula imibuzo abayibuzile noma ziphawula ngezihloko ezithile.
Kulokhu bacele ukuthi izingane zithumele ama-voice note, zisho ukuthi iyiphi ingoma ephume kulo nyaka eziyithandayo, zisho ukuthi iculwa wubani nokuthi kungani zithanda leyo ngoma eziyiqokayo?
Nangempela kube njalo angena elekanyana ama-voice note "abashana" - iningi labo lincoma ingoma yomculi kamaskandi Umafikizolo ethi Uyoncengwa unyoko, engezinye zezingoma ezenza kahle kulo nyaka, okufakazelwa wukudlalwa kwayo ezindaweni ezehlukene ezweni lonke, kubalwa emisakazweni, emicimbini nasezindaweni zokucima ukoma - kanti futhi ngigcina ukubheka kwiYouTube, ibisilalelwe ngabantu abangaphezu kwa-13 million.
Okungidine kwathi angizisakaze phansi wukuthi kunele kwangena ama-voice notes ambalwa nje ezingane ezincoma le ngoma, laba basakazi bangabe besaqhubeka nokudlala amanye, kunalokho bagxeka izingane ngokuthi kungani zithanda le ngoma, belibeka ngembama ukuthi ayinawo umyalezo ophusile nofanele ukuthi ziyincome, beyigudla nangokusho izinto ezenza kucace ukuthi baqonde ukuthi yingoma okungamele ilalelwe yizingane ezincane.
Baqala phansi bashumeyala ukuthi abazali kumele baqaphele ukuthi izingane zabo zilalela ziphi izingoma, balawule uhlobo lomculo olalelwa yizingane zabo njalo njalo. Ngiyakuzwa konke lokho, kodwa okungixakayo wukuthi bebesholani ukuthi izingane aziphawule ngengoma eziyithandayo, uma futhi bona bezofuna ukulawula okumele zikusho noma zingakusho.
Ngivele ngaxakeka nje uma bethi abazali abalawule uhlobo lwezingoma ezilalelwa ngabantwana, ngididwa wukuthi abazi yini ukuthi uma ingoma isematheni ngaleso sikhathi, ayikho nhlobo indlela yokugwema ukuthi izingane ziyilalele ngoba isuke idlalwa yonke indawo nangaso sonke isikhathi.
Lokhu ngibone kuyisenzo esibi futhi obekungamele senzeke emsakazweni omkhulu nohlonishwa kangaka futhi nje yinto engibona iyisenzo sobudedengu bokuzama ukuphazamisa umgqigqo wengoma kaMafikizolo, osekucacile ukuthi ishaya kwasani kulezi zinsuku.
OMroza noSgqemeza badala kwezokusakaza ngakho kuyihlazo ukuthi benze iphutha ukuthi benze iphutha elinjena sibe sibathembile ngezindlebe zethu. Ngixwayisa nabadidiyeli bohlelo oNomfundo Mkhize noBonga Dladla ukuthi baqaphele izinto ezinjena, lingaphinde lenzeke iphutha lobuhlathi obunjena.
Uma kuwukuthi le ngosi bafuna ukuyilawula ngendlela yabo nokuthi abazukuhambisana nemibono yokungase kushiwo yizingane kuyona, kungcono babheke okunye okusemqoka nokuhlabahlosile abangakufaka esikhaleni sakho, bayikhiphe ingabe isaba khona.
Ngiyaxolisa ukuthetha, angilwi, bengimane ngibeka umbono nje. Siyathokoza kakhulu!
UMROZA noDJ Sgqemeza abethula uhlelo iVuka Afrika Breakfast Show oKhozini FM ngo-6 kuya ku-9 ekuseni phakathi nezinsuku
Image: FACEBOOK/DJ SGQEMEZA