Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Ukubone njengesibusiso ukusakaza engaphumuli oweGagasi FM

Fanelesibonge Bengu|Published

UMSAKAZI weGagasi FM, uNkulee Mbatha

Image: Sithunyelwe

UKUCHAZA njengesibusiso esingandele bani ukuhlanganisa izinsuku ezingu-35 zilandelana esakaza uNonkululeko “Nkulee” Mbatha ongumsakazi weGagasi FM.

UNkulee (30), ubebambele uMinnie Ntuli ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto i-The Uprising noFelix Hlophe, njengoba ebehlabe ikhefu kusuka phakathi nenyanga. Ikhefu walithatha kulandela umsindo owasuka ngezenzo zakhe, abanye abazibiza ngobubhoklolo, ohlelweni i-Real Housewives of Durban.

Ngaphezu kokubambela uMinnie, uNkulee ubeqhubeka nezinhlelo zakhe okuyiDance Cabin ngo-10 ebusuku ngoMgqibelo, neGagasi Sunday Groove engena ngo-2 emini ngeSonto.

“Ngibona namhlanje (esho izolo) ngihleli ngingenzi lutho ukuthi ebengikwenza kuyisibusiso. Ngichithe isikhathi nomama sibuka ithelevishini. Ngibone sihleli ukuthi bekuyisibusiso ngoba ngiyawuthanda umsakazo. Ngaphambi kokungena kuwo ngangithi umuntu uyoze afe elokhu ephuphile engakaze afike. Angikaze ngicabange ukuthi ngingachitha izinsuku ezingu-35 zempilo yami ngisakaza njalo,” kusho uNkulee.

Lo msakazi odabuka KwaMpumuza, eMgungundlovu, uthe yize bekukhathaza kodwa bekumnandi ngoba ubenza into ayizifela ngayo.

Uthando lokusakaza lumjove emncane ekhula engumlaleli. Uyingane ephakathi nendawo kodadewabo abane.

“Usisi wami omdala engangilala naye ekameleni wayewuthanda umsakazo. Ngambuza ukuthi ngingenza kanjani ukuthi ngikhulume kuwo. Wangicebisa ngokuthi kumele ngibe umsakazi, wathi futhi ngingaba wuyena ngoba ngikhuluma kahle. Ngikhula yilapho engaqala khona ngenza ucwaningo ngawo.”

Uthe nothisha bakhe ePrestbury Primary babemgqugquzela ukuthi akhulume uma kunemincintiswano yezinkulumo, okuyilapho kwadlondlobala nokuzethemba kuye.

Emuva kokuphothula u-matric eBonela Secondary ngo-2013, uhlabe ikhefu lonyaka ngaphambi kokuyofundela iziqu zeDrama and Performance eNyuvesi yaKwaZulu-Natal, eMgungundlovu.

Kuthe uma ebuya eThekwini ngo-2017, wenza inhlolokhono kwiRadio DUT, okuyilapho achitha khona iminyaka emithathu.

“Ngayeka ngagxila emidlalweni yeshashalazi eWestville Theatre Club, unyaka noma emibili. Kukhona umngani wami esasinaye kwiRadio DUT owangibuza ukuthi sengakuyeka yini ukusakaza? Wathi kunenhlolokhono eDYR. Ngathi ngifika eDYR kwathiwa kukhona obenza uhlelo lwasekuseni osehambile, ngoba ngiyakwazi ukusakaza kungani ngingangeni kulolo hlelo?” kuchaza uNkulee oke walingisa nakuZalo.

Kusuka efikile kwiGagasi FM ngo-2023, uke wazwakala nasohlelweni lwantambama phakathi nesonto noSphectacula noDJ Naves. Kungesikhathi kuhambe uZisto Mhlongo ezinyangeni ezedlule ngaphambi kokufika kukaSelby Mkhize.

“Ngangithukile ukuyosakaza noSphe kodwa ngaba nesikhathi esimnandi. Ekuseni into engenze ngakhululeka ukuba noThumbeza (Felix Hlophe) engimfanisa nobhuti wami omdala, ingoba ngake ngaba umdidiyeli wohlelo lwabo ngesikhathi umdidiyeli wabo engekho amasonto amathathu. Bengingathukanga kodwa isizathu esingenze ngabanjiswa yiso ebesingithusa. Ngale kwalokho, ngangikhululekile ngoba bangicela into engiyaziyo vele,” kusho uNkulee.

Uthe kumenza athobeke ukuzwa abantu bemncoma ngomsebenzi awenzile.

“Ngiyakuthanda ukusakaza. Ukuzwa ukuthi kunomuntu okumjabulisayo naye ngengikwenzayo kuyangijabulisa. Kusho ukuthi sibaningi sijabule. Ngiphelelwa amazwi okuchaza kodwa yisibusiso esihle.”

Uthe ukubeke ezandleni zikaNkulunkulu ukuthi uzophelelaphi emsakazweni kodwa weneme ngezinhlelo azenzayo, ikakhulukazi lolu lwangeSonto kangangokuba ngisho luphela usuke esanomfutho wokuqhubeka.