Ezokungcebeleka Ezemisakazo

UMshiza ''ugadle" kwabuya isithunzi soBusuku Obuhle kuKhozi FM

Simangaliso Ntshangase|Published

UMSAKAZI wohlelo Ubusuku Obuhle kuKhozi FM, uNkosinathi "Dr Love" Mshengu

Image: FACEBOOK/NKOSINATHI MSHENGU

UMSEBENZI engiwenzayo wenza ngibuye ngingasitholi kahle isikhathi sokulalela umsakazo ngendlela engifisa ngayo ikakhulu ngezikhathi zasemini phakathi nezinsuku ngoba yilapho ezisuke ziyishuka khona imbodla kwamlungu. Lokhu kwenza ukuthi ezinye izinhlelo zemisakazo engisuke ngifisa ukuzilalela, ngigcine ngingalitholanga nhlobo ithuba lokuzilalela.

Kuze kube ngconywana ntambama noma ebusuku nangezimpelasonto ngoba yilapho engisuke senginesikhathi sonke sokubheka futhi ngiqaphele izinto ezinhle, ezimbi, engizithandayo nezingibhorayo engizizwa emisakazweni eyahlukene engivame ukuyilalela.

Kulezi zinsuku indlebe yami ayisuki ohlelweni lwango-8 ebusuku kuya phakathi kwamabili oluthi Ubusuku Obuhle, olusakazwa wuNkosinathi "Umshiza Wezintombi zakwaMshengu" Mshengu, njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesine, emsakazweni ohamba phambili ngabalaleli eNingizimu Afrika nase-Afrika yonkana, Ukhozi FM olumaphikophiko.

Ngiphawula ngalolu hlelo okwesibili manje njengoba phambilini ngake ngazwakalisa ukungenami kwami ngezinguquko nogingqigongqo obuwenzeka kulona ngenkathi kumiswe obelusakaza uSiyabonga "Siya" Mhlongo, obekwenza ukuthi kuhlale kushintshaniswa abasakazi abehlukene, obekungikhalisa kakhulu ukuthi kwenza lungazinzi.

Selokhu kuqale izinhlelo zonyaka omusha wezokusakaza emisakazweni eyahlukene ezweni ngo-Ephreli nonyaka, lolu hlelo lunikwe uMshengu ukuthi alusakaze, evala isikhala sikaSiya - lapho elekelelwa khona wuHlengiwe Khumalo obhekele ukuhlela izinto nezihloko ezidingidwa kulona njalo phecelezi i-content producer ngosuku noSiyanda Hadebe,  obhekele ubuxhakaxhaka bokusebenza kwemishini phecelezi, i-technical producer.

UMSAKAZI wohlelo Ubusuku Obuhle kuKhozi FM, uNkosinathi "Dr Love" Mshengu

Image: FACEBOOK/NKOSINATHI MSHENGU

Ngale kokuthi uDr Love ungomunye wabasakazi engibahloniphayo ngenxa yamagalelo akhe kwezokusakaza, kepha engikuthande kakhulu afike wakwenza kulolu hlelo wukuthi yena nethimba lakhe bahlale beqinisekisa ukusilethela izimenywa ezenza imisebenzi emihle eyahlukene iningi lazo okungabantu abasha, engicabanga ukuthi lokho kuyamkhuthaza kakhulu umuntu omusha osuke elalele uhlelo.

Okunye engikuthande kakhulu yindlela lo msakazi abuza ngayo imibuzo; uyakhombisa ukuthi unamava ebuntathelini. Akabuzi noma yini engathi shu, ngisho ebuza umbuzo nje ongatheni, uba nendlela yokuwendlalela kahle - okwenza ukuthi isimenywa noma lowo ambuzayo abe nendlela yokuwuphendula kahle, futhi athole nethuba lokuwetshisa ukuze abe nendlela efanele nelungile yokuwuphendula. Yizinto lezo engihlale ngikhala ngazo ukuthi abasakazi abaningi abathandwayo nabahlonishwayo kuyabehlula ukuzenza, ekubeni zimqoka.

Lolu hlelo beluvele luhlabahlosile ngenxa yezihloko zezemfundo ezidingindwa khona, nezempilo nje jikelele ezithinta cishe wonke umuntu ezihambisana nesikhathi, izinsuku nokusuke kusezingeni empilweni ngaleso sikhathi - kepha nakho ukuthi lusakazwa wumsakazi okhaliphile noziqondayo izidingo zomlaleli, kwenza kube mnandi ukululalela.

Ngifisa ukuthi nabanye abasakazi basike iphethini kuMshengu nethimba loBusuku Obuhle, ikakhulu laba bezinhlelo eziba nezimenywa ezidingida izihloko ezimqoka zezemfundo, ezempilo, nokunye okumqoka ukuze kuphele umkhuba omubi wokungabenzi ubulungiswa ezinhlelweni abazisakazayo ngoba enye into engike ngiyiqaphele njalo leyo yokuthi ezinye izinhlelo zakhiwe, zahlelwa kahle - bese zoniwa ngabasakazi ababhacazayo abanikwe zona.