Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Kuvelele abaseKZN kumaTelkom Radio Award

Charles Khuzwayo|Published

USAZISO Dlamini ephethe imiklomelo ewinwe yiRadio Khwezi kumaTelkom Radio Awards ngoMgqibelo, eSandton Convention Centre eGoli Isithombe:SITHUNYELWE

UMSAKAZO womphakathi waKwaZulu-Natal, iRadio Khwezi, ukhale wemuka nemiklomelo eyisithupha kowe-14th Telkom Radio Awards ngoMgqibelo, eSandton Convention Centre, eGoli.

Phakathi kwezindondo eziwolwe yisiteshi esizinze eKranskop, kubalwa eyeStation of the Year (Community), Best Community Project #IkhweziLizaKuwe, Best News and Actually Show- Amabalengwe (Thembelani Buthelezi), Best Afternoon Drive Presenter-Saziso Dlamini, Best Night Time Show- Sakha Isizwe (Saziso Dlamini) neStation Manager's Choice -Phakamani Mkhwanazi.

Umphathi wezinhlelo kwiRadio Khwezi, uSaziso Dlamini, uthe bajabule kakhulu ngezindondo ngoba ziqondane kahle nesikhathi begubha ukuphela kweminyaka ewu-30, umsakazo wasungulwa.

"Bekusemkhulekweni wethu ukuthi kuzosisiza kangakanani ukuthi sigubhe sinezinto eziphathekayo embungazweni wethu."

USaziso uthe indondo abayithokozele kakhulu ngeyomsakazo womphakathi ovelele ngoba yilokhu bagcina ukuyiwina ngo-2013.

"Kimina njengomphathi wezinhlelo zesiteshi ngithokoze kakhulu ngoba bekungokokuqala siqokwa amahlandla awu-19. Lokhu kusho ukuthi izinhlelo zethu ziseqophelweni eliphezulu kakhulu futhi ngiyakholelwa ekutheni izinguquko ezinhlelweni zethu ziyasilekelela ekugcineni abasakazi bethu bezihlupha ngokuthuthukisa izinhlelo zabo," kuphetha uSaziso.

Naba abanye abayingxenye yabanqobile abawu-73 eminxeni ewu-29 emisakazweni engamaCampus Radio, Public Broadcast Service, Commercial, podcast nakuma-internet radio:

UVictor Mpho Molefe woKhozi FM-Sports Presenter, Robert Marawa weVuma FM- Sports Show, Lesedi FM-Station of the Year (PBS), 702-Station of the Year (Commercial), Ukhozi FM-My Station Most Votes, Knorrox High Tea Lady D-Promotions Stunt/Event, uClement Manyathela we-702-Best Daytime Show, uBongani Bingwa we-702- Best Morning Show, u-Anele Mdoda we-947-Best Breakfast Show nabanye.

VICTOR MOLEFE
ROBERT MARAWA
DUDU KHOZA