Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Ushaye ungqimphothwe uMakhosi ebuyela ekusakazeni noZaba

Fanelesibonge Bengu|Published

Makhosi Khoza

UMAKADEBONA owamemezela ukuthi usethi khumu ekubeni wumsakazi, uMakhosi Khoza, ushaye ungqimphothwe esinqumweni sakhe njengoba eqale ukwethula uhlelo lwantambama esiteshini iMegazone Radio App izolo ntambama

UMakhosi wethula uhlelo i-After school is after school noZaba "KweenZaba" Simbine wodumo lokusakaza kwi-East Coast Radio.

Isiteshi abasakaza kuso sisakaza online (nge-internet) nakwi-app efakwa kumaselula futhi istudiyo sabo siseMhlanga, ngaseGateway.

Zaba ‘KweenZaba’ Simbine

UMakhosi, oke wasakaza eziteshini okubalwa kuzo i-East Coast Radio, Rise FM, Vuma FM nezinye, ugcine emsakazweni ngo-2022 kwiGagasi FM, lapho ayeyi-content specialist esebenza eduze nabasakazi.

"Ngayeka ukusakaza ngo-2019 ngoba ngangicabanga ukuthi akusekho engingakwenza kodwa manje u-2024, sekubukeka ngathi kumele ngivume ukuthi ngaphaphalaza, ngenze kabusha ngoba uthando selungigabhile futhi," kusho uMakhosi.

UZaba uke wasebenza nasohlelweni lwethelevishini i-Hectic Nine 9 kwiSABC 2. Uthe uyakujabulela ukuvula leli khasi elisha kwezokusakaza.

"Sengazane noMakhosi iminyaka engaphezulu kweyishumi futhi asikaze sithole ithuba lokusebenza ndawonye emoyeni ngakho lokhu kuzoba mnandi kakhulu," kusho uZaba.