Ezokungcebeleka Ezemisakazo

AboKhozi bavale inyanga yabesifazane ngesitayela

Charles Khuzwayo|Published

USELIMATHUNZI Hlophe noSipho “Sgqemeza” Mbatha begqokise okwabantu besifazane oKhozini izolo Isithombe: FACEBOOK

ABOHLELO lwasekuseni oKhozini, iVuka Afrika Breakfast Show, bavale inyanga yabesifazane ngegiya elingejwayelekile ngokuthi abesilisa bagqokise okwabantu besifazane.

Umethuli walolu hlelo, uSipho “Sgqemeza” Mbatha nomfundi wezindaba uSelimathunzi Hlophe, bebezicuphe ngamalokwe , uBonga “Sphongo” Dladla yena egqoke iphinifa. Osomahlaya uMasaladi noGab Mpungose bebedlubhe imvunulo yembokodo. Labo saziwayo abebeziphophothile bathe basike iphethini kosomatekisi baseMtshezi, abangaphansi kwe-Escourt Taxi Association njengoba kuyibo abaqale ukugqoka kanje ngesonto eledlule.

USelimathunzi uthe ufunde lukhulu ngomuntu wesifazane ngesikhathi kuqhutshwa umkhankaso obizwa nge-#UkhoziVBS365.

OSOMATEKISI baseMtshezi behlangene nezinsizwa zoKhozi FM ngaphandle kwezindlu zokusakaza ku-100 KE Masinga Road,eThekwini Isithombe:FACEBOOK

“Sigqoke kanje, sizothi egameni lethu singabantu besilisa, akungabi bikho umuntu wesifazane ohlukunyezwayo.”

Uthe lo mkhankaso umvule amehlo kangangoba useyakuqonda ukuthi kungani abantu besifazane bephuza ukuphuma endlini.

Abanye bosomatekisi baseMtshezi nabo abebegqoke amaphinifa, bebekhona ezindlini zalo msakazo izolo. Bebekhuluma ngazwi linye ukuthi akuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane.