UPenny Ntuli osesakaza kwiJozi FM Isithombe: Instagram
Uqalile ngoMsombuluko ekuseni esiteshini esisha asesakaza kuso uPenny Ntuli obe sematheni edalula okumenze wangayivuselela inkontileka yakhe neGagasi FM.
UPenny ujoyine isiteshi somphakathi saseGoli, iJozi FM, lapho ethula khona uhlelo iMid-Morning Chat olungena ngo-9 kuya ku-12 emini phakathi nesonto.
Lo msakazi ube ngundabumlonyeni ngesikhathi eveza ukuthi ukhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe neGagasi ngenxa yokuthi isiteshi sasifuna ukumholela uR2 800 ngenyanga. Wafaka ubufakazi benkontileka obabuveza ukuthi ubezongena ngo-1 kuya ku4 ekuseni njalo ngeSonto.
Uqale ukuzwakala kwiJozi FM ngeSonto ngesikhathi eyisimenywa ohlelweni lukaNjomane iSiyabakhumbula ebisakazela e-Avalon Cemetery phakathi kuka-8 kuya ku-12 emini.
Related Topics: