I-SpongeBob Square yesiZulu itheleke esiteshini sethelevishini iNickelodeon Africa mhla ka-5 Disemba kanti yingqophamlando yezamasiko yezingane nomndeni eNingizimu Afrika. I-SpongeBob SquarePant wuchungechunge lohlelo lopopayi oluyintandokazi nolubukwa kakhulu nenamandla amakhulu kwezikaqedisizungu. I-Nickelodeon Africa iyazi kahle into ebiyenza ekukhetheni uchungechunge lopopayi oluhambisana nendawo kanti yenze umsebenzi omkhulu ukuqinisekisa ukuthi uchungechunge uSpongeBob SquarePants: isiZulu lwenzelwe abantu. Abenzi balo baze basebenzise ongoti bamasiko esiZulu ukweluleka ekuhunyushweni nasekudidiyelweni kukaSpongeBob esiZulwini.
Amandla kaSpongeBob SquarePants alele emuzweni omkhulu wobundawonye abulethayo. Lo chungechunge lomdlalo wopopayi oludumile lwenzeka edolobhaneni iBikini Bottom ePacific Ocean kanti luthakaselwa yiwo wonke umuntu ngoba alukhethe bala ngokwesiko, ubuzwe, inkolo nendawo; okwenza lukhulume nawo wonke umuntu. Lolu chungechunge oluhlukile noluwumsangano luxoxa indaba kaSquarePants, isipontshi sasolwandle esiphuzi esihlale sibuka izinto ngeso lethemba esiphokophele ukuba wumpheki ovelele eKrusty Krab. Embhidlangweni wokufeza iphupho lakhe, unezigemegeme eziningi nabangani bakhe eBikini Bottom.
Lo mdlalo uphapheme, unokuganga futhi uxake kakhulu. Awufani nendlela esazi impilo ngayo kangangokuthi indlela abalingiswa abayiyona igqamile kanti bakwazi ukwenza izinto ngendlela ehlukile kunendlela eminye imidlalo yethelevishini eyenza ngayo. Lolu chungechunge lufundisa izingane (kanjalo nabantu abadala abaningi abawulubukayo) ukuthi bangavumeli muntu nalutho ukuthi babancishe injabulo. Isidalo sikaSpongeBob sokuba wumuntu ohlele eneme nohlale ebuka izinto ngeso lethemba luveza amandla okucabanga izinto ezinhle, ubuhle bobungani kepha kakhulu lusifundisa ukuthi sizithande uqobo lwethu. Ukufaka wonke umuntu yiwona mnyombo kaSpongeBob SquarePants, pho-ke yini enye lolu chungechunge olungagaba ngayo ngaphandle kokuba yindlela yokuhlonipha, ukugcina nokuvikela ulimi lwebele?
Indikimba yokuba ndawonye, ukuziqhayisa nobudlelwano konke kuhambisana kahle nesiko lesiZulu kanti ithimba leNickelodeon Africa liwubuke ngenhlonipho enkulu nentshisekelo lo msebenzi wokungagcini nje ngokukhuthaza ukufunda ulimi olusha (kunemibhalo yesingisi) kodwa futhi ngokusabela kwikhwelo lokuthi kube nezinhlelo ezingcono ezibukwa yizingane. Isifiso seNickelodeon Africa wukusabalalisa lolu hlelo, kwande ukumeleleka kwamanye amasiko nezilimi kwase-Africa kuwo wonke amagumbi ezwekazi lethu elihle.
Buka uchungechunge lweSpongeBob SquarePants ngesiZulu kwiNickToons kwiDStv kwi-channel 309 njalo ngoMsombuluko ngo-07:30 nango-15:00 Iziqephu eziphelele zingabukwa kwiNickelodeon Africa
Ikhasi likaFacebook lithi: - https://www.facebook.com/NickelodeonAfrica
Ungasali engxoxweni, ngena nge-hashtag ethi #ZuluSpongeBob bese ulandela i-@NickAfrica kuTwitter ne@Nickelodeon_Africa ku-Instagram ukuze uthole eminye imininingwane