Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Inkinga iqale kuguqulwa ithimba likaSizwe kwiKaya FM

Nonkululeko Nhlapo|Published

Sizwe Dhlomo. Isithombe: Instagram

IGAMA likaSizwe Dhlomo yilona elihamba phambili ekuxoshweni komphathi weKhaya FM.

USbongile Mtyali waxoshwa ngoLwesihlanu futhi watshelwa ukuthi aphume aphele esiteshini ngaleso sikhathi.

Ukuxoshwa kukaSbongile kususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngoba igama likaDhlomo yilona elihamba phambili ekuxoshweni kwakhe.

Lokhu kwenze uDhlomo wanikela kwiTwitter echaza konke okwenzekile, ngenhloso yokugeza igama lakhe.

Uthi umphathisiteshi, uSbongile Matyali wabatshela ukuthi uyakhishwa umethuli wezemidlalo ethimbeni lohlelo lwakhe, uSandile van Heerden, esikhundleni sakhe kuzofakwa uMpho Maboi.

“Wangibuza uSbo ukuthi ngicabangani ngalokhu. Ngamtshela ukuthi kanginayo inkinga, ngingasebenza nanoma wubani angilethela yena,” kusho uDhlomo ebhala kwiTwitter.

Uthi inkinga iqale lapho uMpho engafiki emihlanganweni yokuhlela umsebenzi. Uthi wakhuluma naye ngalokhu, kwanhlanga zimuka nomoya.

“Ngasuka lapho ngakhuluma nomphathi wakhe, kodwa yena waqonda ngqo kumphathi omkhulu. Ngabuza ukuthi umkhipha kanjani umuntu owenza umsebenzi oncomekayo, ufake ohlulekayo esikhundleni sakhe? Impendulo kaSbo yathi uzosebenza nanoma wubani engithi asebenze naye.” kuqhubeka yena.

UDhlomo uthi wafaka isikhalazo nabeHR emsebenzini kodwa udaba lwakhe lwangashaywa ndiva, lokhu kumphoqe ukuba abikele ibhodi lesiteshi. Uthe ibhodi lenze uphenyo, wabiza nofakazi kwase kuthathwa isinqumo sokuxoshwa kukaSbongile.

Le nkulumo kaDhlomo ayibagculisanga abalandeli bakhe ababone sengathi uyazikhukhumeza kozakwabo futhi indlela abachaza ngayo kayinambithisiseki neze.

Abanye basole lo msakazi ngokuthi kungani enegunya lokubhala amagama abantu esidlangalaleni kodwa abanye uma benza okufanayo, bakhunjuzwa ngemigomo nemibandela yezinkontileka zabo.

@RobertShivambu: Nguwena Sizwe obiza uzakwenu ngomafika. Lokhu wukukhuluma okubi nokubonisa ukuzikhukhumeza okukhulu. Kwesinye isikhathi singabasebenzi siyayikhanda indawo yokusebenzela ingabi mnandi singaboni.

@Mateisisa: Laba bantu kabaqashiwe ngokuphelele ngakhoke uMpho angaba nezinye izinto azenzayo ngaphambi kuka2. Wathatha umsebenzi azi kahle ukuthi umsebenzi wakhe uqala ngo2.

@ciasivan: Indlela abantu abaxoshwa ngayo ngenxa yakho kuyathusa, kumele uzinuke amakhwapha. Ngeke uhlezi umuhle ngaso sonke isikhathi kuzo zonke izimo.