Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Uqophe umlando owesifazane osakaza ibhola kwithelevishini

Sanele Ndlovu|Published

UTHULISILE Miya ongumsakazi wokuqala ukusakaza ezemidlalo ngesiZulu kwithelevishini. Isithombe: SITHUNYELWE

Uphendlela abanye besifazane indlela umsakazi ongowokuqala ukusakaza ezemidlalo ngesiZulu kwithelevishini.

UThulisile Miya (33) ongumsakazi wezemidlalo kuKhozi FM nakuSABC TV uthi ufisa babone nabanye besifazane ukuthi le misebenzi okucatshangwa ukuthi ngeyabantu besilisa nabantu besifazane bayakwazi ukuyenza.

UTHULISILE Miya ongumsakazi wokuqala ukusakaza ezemidlalo ngesiZulu kwithelevishini. Isithombe: SITHUNYELWE

“Ukwenza kwami lo msebenzi kungenze ngabona ukuthi singakanani isikhala esikhona phakathi kwabesifazane nabesilisa. Ngiyazi baningi abesifazane abanekhono elidlula elami futhi ibhola abalazi ngaphezu kwami, ikhona nje ukuthi abaphiwa amathuba anele okuthi baziveze,” usho kanje.

Le ntokazi esisebenze iminyaka engaphezu kuka-8 kuKhozi isakaza ezemidlalo ingumuntu wokuqala wesifazane ukusakaza ibhola kwithelevishini ngolwimi lwesiZulu.

UTHULISILE Miya obehlale ezwakala emsakazweni Ukhozi FM, usezwakala esakaza ezemidlalo nakwithelevishini

Ekhuluma neSolezwe NgoMgqibelo, uThulisile uthe kuyammangaza ukuthi usehambe waze wafika kuleli banga kwezokusakaza ngoba ekukhuleni kwakhe ubengakaze azibone enza lo msebenzi.

“Kwakungelona iphupho lami ukuba umsakazi kodwa kwathi uma kumenyezelwa ukuthi Ukhozi luthungatha umsakazi wesifazane, ngathi ake ngizame ngibone ukuthi kuzokwenzekani, kanti ngizoba nenhlanhla ngithathwe,” kusho yena.

Uqhube wathi ekhula ubevele elithanda ibhola futhi elidlala kodwa wabuye waliyeka ngoba esefuna ukubhekana nezifundo zakhe njengoba eneziqu zePublic Management azithola esikhungweni semfundo ephakeme iMangosuthu University of Technology.

UThulisile uphinde wathi uyafisa ukukhula kulo mkhakha njengoba ebukela kwizingqungqulu ezifana noGloria Brown.

“Yize bekhona abesifazane abafike ngaphambi kwami kwezemidlalo kodwa ukusebenza phakathi kwabantu besilisa kwenza ngiziqhenye futhi ngifise ukuthi nakwezinye izindawo babone ukuthi abantu besifazane banawo amakhono abangancishwa amathuba,” uphethe kanje.