UMSAKAZI, uMaBetween, ukhala ngokuxoshwa ngeSMS ekubeni udaba lwakhe lungadingidiwe Isithombe: SIGCINIWE
UFUNA ubulungiswa umsakazi wesiteshi somphakathi, iNkandla FM, otshelwe ngeSMS ukuthi akasadingeki emsebenzini.
UMfundo “MaBetween” Mhlongo, obengumsakazi wohlelo Umthunzi Wasemini, uthe simmangazile isenzo somphathi wesiteshi, uLungisani Mpungose, sokumthumelela umqhafazo wokumxosha.
UMaBetween, obephinde asakaze uhlelo lwasekuseni ngeSonto olungena ngo-6 kuya ku-9, iSingena Ekuphumuleni, uthi uxoshwe emuva kokuba emenywe emcimbini thizeni ukuba ayoba wumphathi wohlelo.
“Ngibe sengicela kumphathi wesiteshi ukuhamba, wavuma wathi kodwa kumele ngithole umuntu ozongibambela ngoba umcimbi uphakathi nesonto,“ echaza umsakazi.
UMaBetween uthe wacela omunye wozakwabo, u-Anitha Mthethwa, ukuba ambambele ngesikhathi engekho, bavumelana. Uthi wamangala uma eselandelwa wumqhafazo ovela kumphathi wesiteshi, owawumazisa ukuthi usexoshiwe emsebenzini ngesizathu sokuthi ubengekho futhi no-Anitha akazange afike ukuzombambela.
U-Anitha uvumile ukuthi wamcela uMaBetween ukuthi ambambele uhlelo kodwa akazange abuyele kuyena azosho ukuthi abaphathi bavumile yini.
“UMaBetween akayena umphathi wezinhlelo, akakwazi ukuthatha izinqumo zokuthi ngubani ozobamba uhlelo. Okwakumele akwenze yena ukuthi abike kubaphathi bese kuba yibo abathatha isinqumo sokuthi ngubani ozombambela uhlelo,” kuchaza u-Anitha.
Uqhube wathi akanaso isizathu sokungezi emsebenzini uma kufanele angene.
ULungisani uziphikile izinsolo zokuxoshwa kukaMaBetween emsebenzini, wathi wazi ukuthi umisiwe. Uqhube wathi uMaBetween akazange acele ukungezi emsebenzini kepha wakhuluma njengomuntu oxoxayo, wangafaka isicelo ngendlela efanele. Uthe uMaBetween ubengumuntu ongawuhloniphi vele umsebenzi yingakho bethathe isinqumo sokummisa emsebenzini emuva kwesenzo sakhe.
“Ubenakho ukuzicanasela noma esolwa ngephutha alenzile, ubengakhombisi ukuzisola futhi ubengakhombisi nokuhlonipha abaphathi bakhe,” kusho uLungisani.
ULungisani uthe bambiza uMaBetween benoLucky Zungu, omunye wabaphathi, bamchazela izizathu eziholele ekumisweni kwakhe, walivuma iphutha lakhe.
UMaBetween uthe yena akakaze anikwe isexwayiso noma abizelwe emahhovisi kuzokhulunywa naye, uyasola ukuthi bekuvele kunetulo lokumxosha emsebenzini.