OSAZIWAYO bayakhululeka uma bekhuluma noMacG ohlelweni lwakhe, iPodcast and Chill with MacG Isithombe: INSTAGRAM
NGITHE ngibuka iChannel O kule mpelasonto ngazithela phezu kukaBig Zulu echaza kabanzi nge-albhamu yakhe entsha, Ichwane Lenyoka.
Ngikubone kukuhle lokhu ngoba ngijwayele ukubona iChannel O ingandile ngengxoxo, kunalokho kushintshana ama-video omculo kuphela. Muva nje futhi bathathe uhlelo lukaMacG, oseluzakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana, balufaka khona ngoLwesithathu ebusuku.
Kungenze ngabona ukuthi bahambisana nesikhathi futhi bafuna ukuthi bahlale besematheni.
Abaculi bathi uma bekhipha ama-video bawafake kuYoutube nokwenza singabi khona kangako isidingo sokuthi size sihlalele iChannel O ukuze siwabone.
Yinto okumele yenzeke nasemisakazweni leyo. Ngihlale ngizwa abantu, ikakhulukazi labo ababesakaza kudala, bethi umsakazo usufile.
Kungenxa yokuthi eminye ayihambisani nesikhathi futhi ivele ithathe izinto ezisematheni ezinkundleni zokuxhumana izenze izihloko zosuku.
Lokhu kwenza umlaleli angatholi lutho olusha kodwa ngenxa yokuthi umsakazo yiyona nkundla emahhala, ugcina elalela ukuze aqede isizungu.
Lokhu kuphonsela inselelo abadidiyeli ukuthi baqhamuke nezihloko ezingekho ezinkundleni zokuxhumana kodwa ezizokwenza ukuthi abantu bakhulume ngazo ezinkundleni zokuxhumana.
Noma bemema osaziwayo ezinhlelweni zabo, abangabuzi phela ngezinto esizibona ezinkundleni ngoba sesiyazazi, kunalokho kumele sazi ebesingakwazi ukuze abantu bezothola okusha.
IChannel O, ngokufaka izinhlelo ezinjengezoMacG, yenza ukuthi abantu bakhulume ngayo nokwenza igama layo lihlale lisemqondweni wabo.
Uma ubheka osaziwayo, bayazivula izifuba zabo kuMacG, bakhulume yonke into. Mhlawumbe nasemisakazweni kuzomele kube khona indlela yokuthi osaziwayo bayithembe ngokuthi ibe yindawo yokuqala abakhuluma khona ngezinto abazenzayo noma ababhekene nazo empilweni. Mhlawumbe kudingeka izinhlelo eziyisipesheli noma olwehora lapho abantu bezokhuluma khona ngokukhululeka ngoba osaziwayo uma befuna ukuphawula ngento ethile, basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukufinyelela kubantu. Abawudingi umsakazo. KuMacG kodwa bayaya, bakhulume konke ngaphandle kokusaba.
Lokhu kuzokwenza imisakazo ukuthi kube yiyo eyenza abantu bakhulume, hhayi ukuthi ithathe izinto abantu asebevele bekhuluma ngazo ezinkundleni. Ezinkundleni futhi bakhuluma ngokukhululeka kanti emsakazweni kumele ubuye ugade ulimi noma umpintshwe yisikhathi.
Ungangibhalela [email protected] kuTwitter @fanelebengu noma kuFacebook Fanele Bengu
Related Topics: