AMAKHOSIKAZI osaziwayo bakuleli azovula isifuba ngokwenzeka empilweni yawo ngesikhathi eshiywa abayeni bawo emhlabeni.
Lokhu bazokuveza ohlelweni iWidows Unveiled ezoqala kwiShowmax kusuka ngoFebhuwari 12.
Eziqeshini ezingu-12 zalolu hlelo kuzobonakala abafelokazi okukhona kubo uLerato Sengadi owayeyingoduso yomrepha uHHP, uMpho Tshabalala owayeshade nomculi uMandoza, uSikelelwa Ngubane owayeshade nomlingisi uMenzi Ngubane, uFundiswa Molefe unkosikazi kasomabhizinisi uJohn Molefe noLerato Maphatsoe umfelokazi wowayeyiPhini likaNgqongqoshe wezokuVikela uKebby Maphatsoe.
ULerato Maphatsoe uthe ababukeli balolu hlelo bangalindela izinto ngesinye isikhathi abantu abamnyama okungamele bakhulume ngazo, ikakhulukazi uma bengabafelokazi.
“Sizokhuluma okwenzeka okuyiqiniso okwasivelela empilweni sidlulelwe abayeni bethu. Konke okuzovela ohlelweni kuyiqiniso, akukho esifunzwe kona kwathiwa asikusho. Impilo yethu izogqama ohlelweni. Udaba lwami lolu engizokhuluma ngalo, ukuthi-ke umuntu ngamunye uzoluthatha kanjani okwakhe lokho,” kusho uLerato.
Uthe umshado wakhe wawungelula, yingakho ethathe leli thuba ukuze abhodle ngakho konke okwenzeka.
“Njengoba ngizokhuluma ngempilo yami la, ngaphandle kukhona owesifazane okungenzeka ukuthi ufile ngaphakathi ngenxa yesimo esifanayo nengadlula kuso. Ngakho ngiyathemba ukuthi udaba lwami luzobakhombisa ukuthi ababodwa kulokhu ababhekene nako sibaningi sidlulile kukho,” kuchaza yena.
UMpho Tshabalala uthe bengabafelokazi kuningi abadlula kukho kodwa okuba nzima kakhulu ukulahlekelwa umuntu omthandayo.
“Uma usulahlekelwe uyena, kwesinye isikhathi ungathi uhamba nakho konke enisuke nikwakhile nindawonye bese usala nje wedwa ngemuva uqale impilo kabusha. Ngakho ukuba yingxenye yalolu hlelo akukhona nje ukuxoxa udaba lwami kodwa nokuveza ukuthi ngabhekana kanjani nezimo ezehlukene,” kuchaza uMpho.
USikelelwa Ngubane uthe kumthathe isikhathi eside ukuvuma ukuba yingxenye yalolu hlelo.
Uthe kodwa uyathemba ukuthi baningi abesifazane abazokwelapheka ngalo.