UPHROJUSA weThe Wife uKamogelo Aphane wenkampani iStained Glass Productions, usenxuse ukuthi kube nokubekezela ngemibuzo ethinta abalingisi ababuyayo nabangabuyi kulo mdlalo.
Ukusho lokhu ekhuluma nozakwabo weSolezwe i-IOL, ngemuva kokuqhubeka kokuvela kwezindaba zokuthi u-Abdul olingisa indawo kaNqoba, akabuyi kulo mdlalo.
Isizini yesithathu yalo mdlalo kulindeleke ukuthi iqale ngenyanga ezayo kwiShowmax. U-Abdul ungomunye wabalingisi osekuvele kaningi ukuthi akabuyi.
UKamogelo uveze ukuthi abantu mababekezele njengoba lo mdlalo uzoqala maduzane.
“U-Abdul akakashiyi kulo mdlalo, kodwa esikukhuthaza kakhulu wukuthi abantu mabalinde ukuqala komdlalo njengoba nathi ohlangothini lwethu singafuni ukuveza okuzokwenzeka kulo mdlalo ngoba kuzovele kube yibohlololo, bese abantu bangawujabuleli umdlalo uma sesiveza konke,” kusho uKamogelo.
Isizini yesithathu kulindeleke ukuthi ithathe elinye igxathu njengoba izogxila kakhulu kubalingisi uGaisang K Noge (Naledi) noKwenzo Ngcobo (Qhawe).
Abalingisi abasha asebeqinisekisiwe ukuthi bazobonakala kulo mdlalo kubalwa uSello Motloung, Stoan Seate, Ncebakazi Pilingane, Mo Setumo, Terrence Ngwila noMathew Rantsoma.