U-ASHLEY Ogle nengane yakhe, uKenzo-Lu
Image: X
USUKU lwezithandani lwaziwa ngosuku lwenjabulo nentokozo kwabathandanayo kodwa luphenduke layindida kubalandeli bentokazi ezakhele igama ku-Big Brother, u-Ashley Ogle.
Le ntokazi yethule usana oluncane ogama lalo nguKenzo ngosuku lwezithandani kungakaze kuvele ukuthi ikhulelwe. Echaza imbangela yokufihla isisu, u-Ashley utshele abantu ukuthi ubengafuni ukulahlekelwa imisebenzi ebeyenza nezinkampani ezahlukene, yingakho ekhethe ukufihla ukuthi uzithwele.
U-Ashley obesothandweni oluvuthayo negeza lensizwa yaseNquthu, eyadla umhlanganiso ngonyaka odlule ku-Big Brother, u-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Mbhele, akafunanga ukuphumela obala ngokuthi ubani ubaba wengane.
Yize engachazanga ngobaba wengane, okuhle okwenzekile ukubona abalandeli bale ntokazi yaseWentworth, beyigixabeza ngezipho zengane. Lezi zipho zibandakanya imali elinganiselwa ku-R50 000, okuvele ukuthi ngeke bayinikeze u-Ashley kodwa kulindeleke ukuthi avule i-akhawunti yengane ukuze izofakwa khona njengemali ezoyisiza ekukhuleni kwayo.
U-ASHLEY nezinye zezipho azithole ngoMgqibelo, ngesikhathi ephumela obala ngokuthi usenengane
Image: x
IZIPHO zengane ka-Ashley
Image: x