Ezokungcebeleka

Amaciko kawalinde kukitazwa amanothi enkulumo kaRamaphosa

Fanelesibonge Bengu|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa

Image: GCIS

AMACIKO athi abheke ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa kube khona akusho ngemboni yawo, noma engenalo kangako ithemba, njengoba ezokwethula inkulumo ebhekiswe ezweni kusasa ebusuku.

URamaphosa uzokhuluma ngesikhathi abalingisi ngaphansi komkhankaso wabo, iSave SA Film Jobs, bekhala ngoMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana.

UMnyango unohlelo lokuthi abakhiqizi bamafilimu babuyelwe yingxenye yemali abayisebenzisile ukuqopha ngenhloso yokudala amathuba omsebenzi.

Umkhiqizi wamafilimu, uSimon Makwela, usanda kukhuluma ezindabeni zeSABC ethi kusuka ngoMashi 2024, awakhokheliwe amafilimu aphasiswe ukuthi azohlomula nokubulala imboni.

Umengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa) uJoy Mbewana, uthe uRamaphosa kumele kube khona akushoyo ngamaciko ngoba kuningi okubhedayo.

"Kukhona yini okuzokhulunywa ngathi ngoba kuyenzeka kungashiwo lutho? Asisebona abantu ababhekayo kangako ukuthi kukhona okuzoshiwo," kusho uJoy ngomoya ophansi.

"UMnyango wabaSebenzi usanda kushicilela ukuthi amaciko athathwe njengabasebenzi abanamalungelo. Sibheke ukuthi uMengameli uzogcizelela yini ukuze lokho kugcine kufezekile."

Emasontweni amabili edlule, uNgqongqoshe wezabaSebenzi nokuQasha, uNksz Nomakhosazana Meth, ushicilele emqulwini kahulumeni iGovernment Gazette, ukuthi umphakathi uphawule ngokuvikeleka kwamaciko ngaphansi kwemithetho elawula abasebenzi.

Phakathi kweziphakamiso ukuthi akwazi ukuthola ikhefu njalo ngonyaka, okukhona elokugula nelokuyobeletha. UMnyango ufuna bakhokhelwe imali yokusebenza isikhathi esengeziwe, bavikeleke ekutheni izinkontileka zabo zinqanyulwe noma yikanjani nokunye.

UJoy uqhube wathi bafuna uRamaphosa agcizelele ekutheni kunyuswe imali eyabelwa amaciko ngoba ihlale ishoda.

"Sifuna ukuzwa ngendaba yemithetho ye-copyright nokuthi abalingisi bakwazi ukukhokheleka uma kuphinde kudlala imidlalo ayelingisa kuyo. Inkinga ukuthi umengameli akaze ahlangane nathi. Ngo-2023, uMbalula (uFikile onguNobhala Jikelele we-ANC) waqamba amanga wathi umengameli uzohlangana namaciko ngo-Ephreli 1, ehhotela iBirchwood. Sisalindile namanje ngoba sihlangana naye emingcwabeni kuphela. Yingakho singenalo ithemba kangako ngoba asazi ukuthi azokukhuluma uzobe ekuthathephi," kusho uJoy.