Iqembu i-AfroSoul lihambisana noZakwe engomeni yalo entsha ethi Madoda Hlanganani
Image: Sithunyelwe
IQEMBU lomculo i-AfroSoul selinxuse amadoda ukuthi awasukume alwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, njengoba izibalo zikhombisa ukunyuka usuku nosuku.
Lo myalezo bawudlulise ngengoma yabo esanda kuphuma ethi Madoda Hlanganani.
Kule ngoma laba baculi abaganene abakhe leli qembu uSabelo Ngema noThandeka odume ngelikaMaZulu bapike umrepha uZakwe SA.
Ekhuluma ngale ngoma uSabelo uthe kuyakhathaza ukubona kuqhubeka kunyuka isibalo sezigameko ezishiya abaningi bekhathazekile abanye benezilonda ngokwenzeka emindenini yabo.
“Ngokubona kunyuka izigameko zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, sibone ukuthi njengamaciko kube khona nathi esikwenzayo ukudlulisa ukukhala kwethu, siphinde siqwashise. Sibe sesibhala, sathatha lokhu esikubhalile saya nakho e-studio sakhipha nansi ingoma manje. Yingoma eveza ukukhala kwethu, sithi sicela usizo ukuze kubhekwane nabantu abenza lokhu. Lena yindlela nathi esisukuma ngayo sithi ababhekene nalesi simo abasukume, bakhulume ukuze bavikeleke,” kusho uSabelo.
UZakweSA uthe lolu daba yize luthinta abesifazane okuyibona abahlukunyezwayo, kodwa babona ukuthi kumele lungenelelwe yiwona wonke umuntu futhi kuhambe phambili abesilisa ekutheni kuliwe nesihlava.
“Akuyona nje ingoma kuphela lena, kodwa yisicelo sokuthi lolu daba alusukunyelwe ngoba kunokuthi isimo sibe ngcono siya ngokuba sibi kakhulu. Ngiyabonga kwi-AfroSoul ngokusebenza nami. Sinxusa imiphakathi, izinhlangano ezingenzi nzuzo,nabantu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi basebenzise le ngoma njengethuluzi lokulwa, bayidlale noma kuphi ngaso sonke isikhathi ngoba injongo enkulu wukuthi ifundise,” kusho yena.