UMFUNDISI uBhekani King Mncube uhlele idili lomcimbi wokwethula ama-albhamu amabili
Image: Sithunyelwe
UMFUNDISI Bhekani Mncube uzobe egubha neminyaka engu-15 eyibambile emculweni.
Image: Sithunyelwe
UWUHAMBISA eSoweto umcimbi wokwethula ama-albhamu amabili kanye nokugubha iminyaka engu-15 esendimeni yomculo uMfundisi uBhekani King Mncube.
UMncube odabuka eMadadeni, eNewcastle, uthe leli dili ngelokubonga iminyaka eminingi kangaka eyibambile kule ndima ngokuthi ameme abantu asebenzisane nabo kanye nomphakathi wonkana ukuba babuse ndawonye.
Kulo mcimbi uMncube wethula amacwecwe amabili, elokuqala elithi Kwakufanelekile, asebenze kulo neZithunywa Zikamoya kanye nelesibili elithi Thixo Ngiyabheka Kuwe, alenze ngokubambisana neMale Voices.
Lo mcimbi ohambisana nesidlo sasebusuku uzoqala ntambama ngo-4 kuze kuyolamula u-11 ebusuku eNoordgesig Primary School ngomhla ka-28 Febhuwari 2026, kanti kumenywe namaqembu ahlukene okubalwa kuwo iBrothers in Christ, Amadodana eKhaya leZion, Insindiso yobuKrestu, iPastors Kids kanye neRoots to Revelation.
Ekhuluma neSolezwe uMncube unxuse abantu ukuba baphume ngobuningi babo bazothola ukudla komphefumulo.