UDJ Black Coffee usefake isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo ngodaba lwesehlukaniso sakhe noMbali Mlotshwa
Image: Instagram.
Udaba lwesehlukaniso phakathi komlingisi u-Enhle Mbali Mlotshwa no-DJ osedume umhlaba wonke uBlack Coffee alukapheli njengoba iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala (SCA) kulo nyaka izolubheka.
Ngemuva kweminyaka engaphezu kweyisithupha ludingidwa, luzophinde lwendlalwe enkantolo ngemuva kokuba uBlack Coffee ethole imvume yokudlulisa icala.
INkantolo eNkulu yaseGauteng, eGoli, ithe ngenxa yombuzo wokubaluleka komthetho kanye nokusebenza okujwayelekile, okuhlanganisa nezinqumo ezingqubuzanayo ngale ndaba, i-SCA kufanele manje ixazulule futhi ikhiphe umhlahlandlela obheke phambili.
UBlack Coffee uzofaka isicelo sokudlulisa icala ngesinye sesinqumo esakhishwa ngo-Okthoba nyakenye, lapho kwatholakala khona ukuthi yena nomkakhe babeshade umshado wesintu osemthethweni ngoMeyi 2011.
Kutholakale ngaleso sikhathi ukuthi umshado wawungowokuhlanganisa amafa nokuthi umshado wabo wesilungu owaphothulwa ngoJanuwari 2017 wawungekho emthethweni. Ngokusho kukaBlack Coffee, iJaji elibambile uM Ntanga wenza iphutha ngokuthola ukuthi yena nomkakhe bashada ngokusemthethweni wesintu ngoMeyi 2011 nokuthi umshado wabo owalandela wawungekho emthethweni.
Okunye akhala ngakho uBlack Coffee yindaba yesondlo sikaMlotshwa.
Uveze ukuthi isinqumo senkantolo ngaloli daba sikhulu kakhulu futhi kunethemba elizwakalayo lokuthi i-SCA izofinyelela esiphethweni esihlukile. Mayelana nomyalelo wokuthi kufanele akhokhele isondlo sowayengumkakhe, uthe kufanele kuqale kuboniswe ilungelo lesondlo ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo. Ngokusho kwakhe, besingekho isisekelo esiyiqiniso sesimangalo somkakhe njengoba ehlulekile ukukhombisa isidingo, inani, kanye nobude besikhathi. Uthe iningi imali amkhokhela yona njalo.
Ephikisa isicelo semvume yokudlulisa icala, uMlotshwa uthe uBlack Coffee uveze amaphuzu amasha angazange abekwe njengobufakazi ngesikhathi kuqhubeka icala.
Uthe ubufakazi bukhombisa ukuhambisana okucacile nezidingo zomthetho wesintu nokuthi ukuhlanganyela komyeni ezinqubweni zomndeni kanye namasiko kukhombisa imvume.
UMlotshwa wengeze ngokuthi inkantolo iqinisile uma isho ukuthi umthetho wesintu kumele ubuyise isikhundla sawo phakathi kwezikhundla ezikhona zomthetho, ngakho-ke lolu daba alunamathuba okuphumelela ekudlulisweni kwecala.
Mayelana nesondlo sobukhosikazi, uthe ngesikhathi kuqhubeka icala, wahamba ibanga elide ebeka izidingo zakhe futhi umyeni wakhe uBlack Coffee uyena owamnqabela ukusebenza ngesikhathi beshadile. Uthe uselichazile iholo lakhe, izindleko, izinkinga zempilo, izindleko zasendlini, nemali engenayo nephumayo ebhange lakhe.
Umile kwelokuthi inkantolo inqume inani elanele lesondlo. Uma kubhekwa iminyaka yakhe, isikhathi sakhe engumlongisi oshisa izikhotha sesidlulile, kusho uMlotshwa