U-DJ Maphorisa uzobe enandisa kwiLast Dance Music Festival eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoLwesithathu ebusuku
Image: Sithunyelwe
ABABUKELI beSABC1 bazonqamula unyaka ngohlelo lomculo oluzobe lusakazwa bukhoma eMgungundlovu, emcimbini iLast Dance Music Festival ngoLwesithathu ebusuku.
Uhlelo luzobe luphethwe yintokazi yasePort Shepstone, uNomalanga Shozi noRobot Boii.
Ngokwesikhangiso sakwaSABC1, ukusakazwa komcimbi kuzoqala ngo-9 ebusuku.
Umhleli wawo, uSipho Ndaba, uthe kuzoze kushaye u-1 entathakusa lukhonjiswa kwithelevishini.
I-Last Dance Music Festival okungeka 16 ikhona, izoba seRoyal Showgrounds.
USipho uthe amasango azovulwa ngo-3 ntambama umcimbi udonse kuze kuse.
Kuzobe kunandisa uDJ Maphorisa, Thukuthela, Jazzworld noGL Ceejay, Zee Nxumalo, Big Zulu, Dladla Mshunqisi, Dlala Thukzin, Umafikizolo, Nkeshemba, Jumbo, Naledi Aphiwe, Professor, Shenge nabanye okubalwa nabezindawo.
“Siyajabula kakhulu ngokusingatha iLast Dance Music Festival ka-16 lapha eMgungundlovu. Lona umcimbi kule minyaka edlule osukhule waba yinkundla yokuhlanganisa abantu ngomculo nokugubha ndawonye. Simema abantu ukuthi baphume ngobuningi babo bejabule ngokuphepha futhi babe yingxenye yomcimbi abangasoze bawukhohlwa,” kusho uSipho.
Ubalule ukuthi umcimbi wabo udlala indima enkulu ekuthuthukiseni ezokuvakasha endaweni, ukusimamisa umnotho nokudala amathuba kubaculi abadumile nabasafufusa.
Udalule ukuthi ngakusasa bazoba ne-picnic e-Alexandra Park, ngase-Oval Cricket Stadium, lapho kuzobe kungenwa mahhala kuyo.
“Senzela ukuthi labo abangeke bakwazi ukuthenga amathikithi omcimbi omkhuku bakwazi ukuzojabula nemindeni yabo. I-picnic futhi inikeza ithuba abaculi bendawo ukuthi bazibonakalise kuthi abanye babo sibathathe beyonandisa kwiLast Dance ngonyaka ozayo.”
Amathikithi eLast Dance aseqalile ukutholakala eTicketpro, Pick n Pay naseSpar ngo-R220 kuya phezulu.
Related Topics: