BEKUKHISHWA esinye sezidumbu zabathathwe yizikhukhula eManzimtoti
Image: TUMI PAKKIES/Independent Newspapers
UZWAKALISE ukukhathazeka nokudumala ngezikhukhula ezikhinyabeza ezokuvakasha eMargate, ePort Shepstone, ogwini oluseningizimu yesifundazwe, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli.
UNtuli uzwakalise lokhu kukhathazeka kwakhe okukhulu izolo, ngesikhathi ehambele kule ndawo ngenhloso yokubheka ukuthi mkhulu kangakanani umonakalo owenzekile kule ndawo ngemuva kwezikhukhula ezihlasele ngeSonto.
Uveze ukuthi lesi simo sikhinyabeza ezokuvakasha njengoba le ndawo ibalwa nezinye abantu abathanda kakhulu ukuhambela kuzona njalo uma kuyisikhathi samaholidi okuphela konyaka.
''Kuyadumaza kakhulu ukubona izimo ezinjengalezi, ikakhulukazi ngalesi sikhathi sonyaka. Lokhu kuphazamisa kakhulu ezokuvakasha endaweni,'' usho kanjena.
Okunye akhale ngakho kakhulu ukuthi isimo esinjengalesi akukapheli isikhathi esingakanani senzekile kuyona le ndawo. Kuzokhumbuleka ukuthi izikhukhula zishiye kukhalwa kule ndawo eminyakeni emibili eyedlule.
UNtuli uveze ukuthi lezi zikhukhula zikhinyabeze ingqalasizinda yezitolo kanjalo nengqalasizinda yentuthuko endaweni.
Kuvele ukuthi lesi simo siholelele ekutheni kube khona owesifazane odlulayo emhlabeni. Lo wesifazane kuvele ukuthi ungowakwaCele isibongo futhi uneminyaka engu-62, kuthiwa ungowaseBhomela, ePort Shepstone, ku-ward 24 kuMasipala iRay Nkonyeni.
Lo wesifazane kubikwa ukuthi uwelwe wudonga ngesikhathi esemcimbini wakwamakhelwane kade kuhlasele imvula enamandla. Lesi sibhicongo sishiye omakhelwane bebambe ongezansi.
Kule mvula kuvela ukuthi bane abantu okubikwa ukuthi basadukile. Oyedwa kubikwa ukuthi umuke nomfula kwathi abathathu baduka eManzimtoti, eThekwini. Kuthiwa abantu bebezama ukuwela ebhulohweni ebese leqiwa amanzi. Kuvele ukuthi imoto yabo ihlulekile ukuwela, bazama ukuyiphusha kanti sebezomuka nomfula. Izolo ntambama, kuvele ukuthi bese kutakulwe izidumbu ezimbili zabebemukile.
UNtuli uthe kuyadumaza kakhulu ukuthi lesi simo sigcine siholelela ekutheni kube khona abadlulayo emhlabeni. Wenze isibophezelo sokuthi bazobhunga babone ukuthi yini engenziwa ngenhloso yokubuyisela isimo kwesejwayelekile ngokushesha kule ndawo.
Eminyakeni eyedlule, ngesikhathi kwenzeke into efanayo osomabhizinisi bakule ndawo abakhuluma neSolezwe bakhala kakhulu baveza ukuthi lesi simo siyabakhinyabeza kakhulu.
UMTSHUZI kucingwa izidumbu zabamuke ebholohweni eManzimtoti
Image: TUMI PAKKIES/Independent Newspapers
USIZI belubhalwe ebusweni kwabachazwe njengomndeni wabathathwe yizikhukhula eManzimtoti ngesikhathi kutholwa esinye sezidumbu izolo
Image: TUMI PAKKIES/Independent Newspapers
Related Topics: