Ezokungcebeleka

ITrompies ivivela i-EP ngomucu

Fanelesibonge Bengu|Published

ITrompies ivivela ukukhipha i-EP entsha uma kuqala ku-2026

Image: Sithunyelwe

U-1994 awugcinanga ngokuba wunyaka iNingizimu Afrika eyaqala ngawo ukubuswa ngentando yabantu kodwa kwazalwa neqembu lekwaito, iTrompies, elisayibambe ishisa namanje.

I-Trompies ibunjwe yizingwazi zaseSoweto uZynne "Mahoota" Sibika, Mandla "Spikiri" Mofokeng, Eugene "Donald Duck" Mthethwa noJairus "Jakarumba" Nkwe.

Emuva kweminyaka engu-31 iTrompies isemculweni, ikhumbuza abantu futhi izethula kwabasha ngezingoma ezintsha.

NgoLwesihlanu ikhiphe umucu iLilizela elipike kuwo uNokwazi, Kwesta noStoan.

UMahoota utshele Isolezwe ukuthi bazame ukuthuthukisa umculo iTrompies eyaziwa ngawo ukuze bezokwazi ukudoba nabalandeli abasha.

"Asifuni uthi ulalele ingoma yethu kube ngathi ngeyango-1994. Sithuthukise ikwaito ngokuthi ihambisane nesikhathi samanje. Ikwaito izale izinhlobo eziningi zomculo njengamapiano manje. Wumculo ofanayo, kuhluke nje ukushesha kwesigqi," kusho uMahoota.

"Kunengoma esiyenze nentwana ka-Eugene. Uma uyilalele yikwaito kodwa uma ukhuphula isivinini sayo iba yipiano. Uma ukhuphula futhi iba yi-house," kusho uMahoota.

Uthe iLilizela yendlalela i-Extended Play (EP) yabo iPantsula 4 Life ezophuma ngoJanuwari 30.

Inezingoma ezinhlanu abapike kuzo uScotts Maphuma, Bhudescar, General Official, Kabza De Small, Toss, Dr Lamondro, StinoLeThweni noReece Madlisa.

"Sikhuluma ngezihloko ezihlukene, sijabulela impilo. Sisaphila abantu bangacabangi ukuthi sifile nakhu nabafana basafuna ukusebenza nathi. Le EP siqale ukuyiqopha ngoMashi sase sibona ukuthi ngoba isikhathi sesihambile, asingayikhiphi yonke kodwa sikhiphe umucu wokuzwisa abantu esiza nakho," kuchaza uMahoota.

Uthe ikwaito ibuyile futhi ayisoze yaya ndawo njengoba nabo bengeke baye ndawo. Udalule ukuthi okubenza bakwazi ukuba ndawonye iminyaka emingaka wukuthi bayahloniphana.

"Siyaxabana kodwa ndoda. Uma umuntu umthanda ngeke uhlale ungalwi naye. Empilweni amaphutha ayenzeka kodwa asilwi ngokubulalana. Uma wenze iphutha uyalivuma ufunde kulo," kusho uMahoota.